Umqhudelwano womgwabulo
Ummomo
Umqhudwelwano womgwabulo, noma Umqhudelwano womkhumulajezi uhlobo lomncintiswano lapho owehlulekile emdlalweni ekhishwa khona ngokushesha kumqhudelwano. Umnqobi ngamunye uzodlala nomunye emzuliswaneni olandelayo, kuze kube umdlalo wamanqamu, umnqobi wawo abe umpetha womqhudelwano. Eminye imiqatho ingaba umqatho owodwa noma eminingana, ngokwesibonelo, imilenze emibili emidlalweni ethile. Abancintisanayo abanqotshiwe bangase bangadlali ingxenye eyengeziwe ngemuva kokuhlulwa, noma bangahlanganyela emidlalweni "yokuziduduza" noma "yokujinjwa" ngokumelene nabanye abahlulwayo ukuze kutholakale uzokleliswa phansi; ngokwesibonelo, yesithathu phakathi kwabahlulwayo.