Umtapowolwazi kaBessie Head
Umtapolwazi kaBessie Head (ngaphambi kuka-2005 wawubizwa ngokuthi UMsunduzi Municipal Library, futhi ngaphambi kwalokho njenge-Natal Society Library) osePietermaritzburg, kuMkhandlu Wendawo yaseMsunduzi, ungumtapolwazi omdala kunayo yonke yaKwaZulu-Natal.[1] Yasungulwa ngo-1849 futhi yaba umtapo wezincwadi osemthtweni ngo-1916.[2] Waqanjwa ngegama lomlobi odumile uBessie Head.
Umlando
[hlela | Hlela umthombo]Umlando womtapolwazi ungahlehliselwa emuva ekumisweni kweNhlangano Yezincwadi yasePietermaritzburg ngo-1846, esekelwa nguDavid Dale Buchanan, umhleli wephephandaba lendawo, i-Natal Witness. Yayinegumbi lokufunda nomtapolwazi omncane futhi yavulwa njengomtapo wezenhlalo wokuqala wasePietermaritzburg ngo-1849. Ekuqaleni kwakunzima, kodwa kamuva yasekelwa yi-Natal Society (eyasungulwa ngo-1851) eyayithathe i-Book Society ngo-1865, futhi yaqala ukuqoqa izimali zendawo ekuyo. Nge-guineas ezingu-2,000, iNhlangano yathenga i-20 Longmarket Street ngo-1876; yavulwa njengomtapolwazi womphakathi nomnyuziyamu ngoFebruary 1878.
Ngo-1916, Umtapolwazi WaseNatal wanikezwa isikhundla sokugcina ucwaningo ngokusemthethweni. Njengoba zonke izincwadi ezikhishwe INingizimu Afrika manje zigcinwe kumtapolwazi ngezinhloso zokubhalisa, kwadingeka ukuthi zandiswa ngokuphindaphindiwe. Izakhiwo ezintsha zeLongmarket Street zenezelwa ngo-1929 nango-1957, futhi isakhiwo seCommercial Road saqashwa kusukela ngo-1963.
Ngo-1967, ngemuva kokuba umkhandlu-dolobha uvumile ukuxhasa ngezimali umtapolwazi, waba umtapo wokuboleka mahhala. Phakathi neminyaka yobandlululo, umtapo wezincwadi wahlala uvulekele zonke izakhamuzi, kungakhathaliseki uhlanga, futhi wakhula ngamagatsha angu-11 kulo lonke idolobha.[1][3]
Izakhiwo zomtapolwazi waseLongmarket Street ekugcineni zathathelwa indawo ngo-1975 ngomtapo wesimanje omusha owakhiwa eChurch Street, owavulwa ngo-17 June 1975. Lesi sakhiwo sahlala siyisakhiwo esiyinhloko somtapo wezincwadi wedolobha iminyaka engaphezu kwengu-30. Ngo-2004, iNhlangano yaseNatal yadlulisela umtapolwazi nabasebenzi bawo kUMasipala Wendawo waseMsunduzi. Ngokushesha ngemva kwalokho, isakhiwo esisha esixhaswa idolobha, esinefenisha kanye nesitoko esixhaswe yI-Carnegie Corporation, savulwa ngokusemthethweni ngo-12 July 2007 futhi saqanjwa ngoBessie Head, umlobi waseNingizimu Afrika nomshisekeli omelene nobandlululo owazalelwa ePietermaritzburg.
Umtapolwazi WoMkhandlu waseMsunduzi namuhla ungomunye wemitapolwazi emihlanu yezincwadi yezomthetho yaseNingizimu Afrika. Iyona kuphela inhlangano yaseKwaZulu-Natal ephethe zonke izincwadi ezabhalwa ngumshisekeli wezombusazwe waseNdiya UMahatma Gandhi (owabandlululwa ngokohlanga futhi waxoshwa esitimeleni ePietermaritzburg ngo-1893).
Izikhombo
[hlela | Hlela umthombo]Bessie Head Library. Library Thing. Retrieved 13 May 2024.
- ↑ Bessie Head Library. Library Thing. Retrieved 13 May 2024.
- ↑ Zawedde Barlow Nsibirwa (2007) Preservation of, and access to, legal deposit materials at the Msunduzi Municipal Library, Pietermaritzburg. Retrieved 13 May 2024.
- ↑ Cite error: Invalid
<ref>tag; no text was provided for refs namedWitness-29Dec2022