Jump to content

Umthalakazi ogoqele

Kubuya ku Wikipedia
Isibonelo somthalakazi ogoqele iMessier 77 owaziwa nangokuthi iNGC 1068

Imithalakazi egoqele yakha isigaba somthalakazi owachazwa ekuqaleni ngu -Edwin Hubble emsebenzini wakhe ka-1936 othi The Realm of the Nebulae futhi, ngenxa yalokho, iyingxenye yojinji lukaHubble . Imithalakazi egoqele eminingi iqukethe inkatha eyisicaba, endiyazayo equkethe izinkanyezi, uluhowo nothuli, kanye nokubunganyela okuphakathi kwezinkanyezi okwaziwa ngokuthi ingqumu . Lemithalakazi ivame ukuzungezwa umqhele omncane wezinkanyezi, iningi lazo ezihlala ezixhekeni ezibhulungeni.