Jump to content

Umthalakazi ogungubele

Mayelana Wikipedia
Umthalakazi indingi (NGC 5866), ungumthalakazi ogungubele esishomeni nzawu . Lesi sithombe sibonisa ukuthi imithalakazi egungubele ingagcina uthuli oluningi enkatheni yayo. Kodwa-ke, akukho howo, ngakho-ke ibhekwa njengentula utho lwenqeke .

Umthalakazi ogungubele (onophawu S0) oluhlobo lomthalakazi ophakathi komakhophelana (onophawu E) kanye nogoqele ngokohlelo lokujinja immimo yemithalakazi. Uqukethe inkatha enkulu kodwa awunazo izingalo ezigoqele. Imithalakazi egungubele iyimithalakazi yenkatha elahlekelwe utho lwayo lwenqeke ngakho izinkanyezi azakheki kuwo nhlobo.[1] Kodwa, isalugcinile uthuli enkatheni yayo.Ngenxa yalokho, iqukethe izinkanyezi ezigugayo.

  1. DeGraaff, Regina Barber; Blakeslee, John P.; Meurer, Gerhardt R. (December 2007). A Galaxy in Transition: Structure, Globular Clusters, and Distance of the Star-Forming S0 Galaxy NGC 1533 in Dorado. p. 1624–1639.