Jump to content

Umthethosivivinywa

Kubuya ku Wikipedia
Umongameli wase-U.S. UBill Clinton usayina umthetho owamukelwa yi-U.I-U.S. Congress.

Umthethosivivinywa uyisiphakamiso somthetho omusha ohlongozwayo, noma isiphakamiso sokushintsha kakhulu umthetho okhona.

Umthethosivivinywa awuphenduki umthetho kuze kube yilapho uvunywa yisishayamthetho futhi, ezimweni eziningi, uvunyelwe yinhloko yombuso (ngezinye izikhathi isigungu esiphezulu).

Imithethosivivinywa yethulwa esishayamthetho futhi kuxoxwa ngayo, kuphikiswane ngayo, futhi kuvotwe. Uma umthetho usuphakanyisiwe waba umthetho yisishayamthetho, ubizwa ngokuthi unthetho wesishayamthetho.