Umzimba womuntu

Umzimba womuntu uyisakhiwo sonke somuntu . Wakhiwe izinhlobo eziningi ezahlukene zamangqamuzana ahlanganisa izicubu bese kuba yizitho bese kuba yizinhlelo zezitho .
Umzimba womuntu ngaphandle uqukethe ikhanda, izinwele, intamo, isingenhla (okuhlanganisa isifuba nesisu ), izitho zangasese, izingalo, izandla, imilenze nezinyawo . Umzimba womuntu wangaphakathi uhlanganisa izitho zomzimba, amazinyo, amathambo, imisipha, izinsinga, imithambo yegazi negazi, imithambo yoketshe kanye noketshe.
Ukufundwa komzimba womuntu kuhlanganisa umhlakahlo, umchazamzimba, histology, nomchazamungu. Umchazamzimba uhlozinga izinhlelo nezitho zomzimba womuntu nokusebenza kwazo. Izinhlelo eziningi nezitho ziyananana ukuze zinakekele ukuzilawula komzimba (homeostasis), ngamazinga aphephile eziqa ezifana noshukela, insimbi, nesOhwe egazini,
Isakhiwo sawo
[hlela | Hlela umthombo]Umzimba womuntu wakhiwe ngezinhlwa ezihlanganisa ihwnzi, isOhwe, umCalahle, umCaphana, nepholoba. Lezi zinhlwa zitholakala phakathi kwezigidindodla zamangqamuzana nasezigcoyini zomzimba ezingewona amangqamuzana.
Umzimba wowesilisa omdala uqukethe amanzi angamaphsenti angama-60 okungamalitha angama-42. Lokhu kusho ukuthi kunamalitha ali-19 omtshoko ongekho kumangqamuzana kuhlanganisa namalitha amathathu amathubi wegazi (blood plasma) kanye namalitha ayisi-8 omtshoko wesisu namalitha angama-23 omtshoko ophakathi kwamanqamuzana.
Izinhlelo zawo
[hlela | Hlela umthombo]Uhlelo lokujikeleza kwegazi
[hlela | Hlela umthombo]
Uhlelo lokujikeleza kwegazi lwakhiwa inhliziyo nemithambo yegazi (iminqonqo, imithambo, nemithanjana). Inhliziyo iyona ephokozisa umjikelezo wegazi ofana nohlelo lokuthutha oluthwala isOhwe, isivamelo, imisoco, imfucuza, amasosha omzimba, nemizwayi yokuyabiza (amachicho). Imigudu yomjikelezo wegazi emzimbeni ehlukaniswa kabili: umjikelezo wamaphaphu, omfanguza igazi emaphashini ukuze amukele isOhwe futhi adedele umCalahle ontuhlambili, kanye nomjikelezo wesimiso, othwala igazi kusuka enhliziyweni kuya emzimbeni wonke. Igazi ligukethe umtshoko othwala amangqamuzana, kuhlanganisa lawo asuka ezitshwini kuya emithanjeni aphinde abuye, kanye nobubende nomnkantsha.
Uhlelo lamadlala
[hlela | Hlela umthombo]
Uhlelo lamadlala lwakhiwa amadlala wamachicho afana nalawa: imfomavange, isiqhoqhodo, izimfomavuso, amanyikwe, isiqhoqhodana, namadlala wenzalo, kodwa nezinye izitho nezicubu nazo ziyawakhiqiza amachicho ngokufanayo. Amachicho wamadlala asebenza njengesiyabizo zezinhlelo zomzimba eziya kwezinye ngokuphathelene ngezimo ezihlukene emzimbeni.
Uhlelo lokugaya ukudla
[hlela | Hlela umthombo]
Uhlelo lokugaya ukudla lwakhiwa ngumlomo kuhlanganisa ulimi namazinyo, uminzo, isisu (Ubhobhobho amathumbu namancane, nengquza), kanye nesibindi, amanyikwe, inyongo namadlala wamathe. Lolu hlelo luguqula ukudla kube imizwayi emincane, enomsoco, engenabuthi ukuze isabalale futhi imunyungwe umzimba. Le mizwayi iphenduka izakhamzimba, amafutha, amavithamini nezimbiwa. Emva kokugwinywa, ukudla kwehla ngamathumbu afanele ukusuka engxenyeni eyodwa kuya kwenye.
Ukugayeka kokudla kuqala emlonyeni, ohlafuna ukudla kube izingcezu ezincane ezizogayeka kalula. Bese kuyagwinywa, kwehle ngomminzo kuye esiswini. Esiswini, ukudla kuxutshwa nezimunyu zesisu ukuze kumonculeke imisoco. Okusalayo kubizwa ngomswani: kuthunyelwa ethunjini elincane, nalo elimunyunga imisoco namanzi emswanini. Okusele kufakwa ethunjini elikhulu, lapho kuphenduka khona amasimba: kube sekubekwa emdidini kuze kube yilapho kukhishwa ngengquza.
Amagama wezitho zomzimba
[hlela | Hlela umthombo]Head – iKhanda
Crown - uKhakhayi
Occipital - isiPhundu
Forehead - isiPhongo
Temple - INhlafuno
Face - uBuso
Eyes - ameHlo
Eye lids - uPhephelezi
Iris - iSonhlava; iHlo
Nose - iMpumulo
Nostrils - amaKhala
Nasal Ridge - umBombo
Ears - izinDlebe
Cheeks - imiHlathi
Dimple - inDlu yenKonjane; isiZwathi
Mouth - umLomo
Lips - izinDebe
Chin - isiLevu
Double Chin - iBilo
Neck - inTamo
Nape - isiJingo; uZongwe
TORSO | INGENHLA
[hlela | Hlela umthombo]Shoulders - amaHlombe
Chest - isiFuba
Breasts - amaBele
Nipples - izinGono
Back - umHlane
Belly - isiSu
Navel - inKaba
Big Navel - isiBhono; isiBhumu
UMpu/umShiza - No Breast or Breast buds on post puberty females
Arm - inGalo
Armpit - iKhwapha
Elbow - inDololwane
Forearm - umKhono
Wrist - iHlakala
Hand - isanDla
Right hand - sobuNene
Left hand - esiNxele
Palm - inTende
Back of the hand - inHlanekela
Knuckles - amaQupha
Fingers - imiNwe
Fingerprints - izinTupha
Nails - izinZipho
leukonychia - izimBuzi
Thumb - isiThupha
Index finger - umKhothi
Middle finger - isiPhohlongo
Ring finger - isiThoba
Pinky - uCikicane
Ulnar hexadactyly – umHlaza
LOWERBODY | ISINGEZANSI
[hlela | Hlela umthombo]Waist - uKhalo
Buttocks - iziBunu
Butt crack - umNsinsila
Legs - imiLenze
Thigh - iThanga
Dark tint at da upper thigh and butt - amaNsweba
Knee - iDolo
Shank - isiTho
Calf - isiHluzu
Shin - Mbalule
Ankle - iQakala
Top of Foot - iPhaba
Foot - uNyawo
Toes - izinZwani
Big Toe - uQukulu
Second Toe - umNyundu (when it's the longest)
Small Toe - uCikizwane
Soles - izinTende
Heels - iziThende
Stump – isiDikimezi
GENINTALS | ZANGASESE
[hlela | Hlela umthombo]Anus - ingquza
Penis - umThondo
Foreskin - uJwabu
Testicles - amaSende
Urethra - iGolo
Vulva - isiBumbo
Labia - amaLebe
Clitoris - umSunu
Hymen - inCunu
Vagina - isiHlunu; inHlunu
INTERNAL ORGANS | EZIBILINI
[hlela | Hlela umthombo]Brain - inGqondo/ ubuChopho
Lobe – idlebe
Occipital lobe – idlebe elisesiphundu
Temporal lobe – idlebe olusenhlafunweni
Frontal lobe – idlebe eliphambili
Nasal cavity - amaNkanka
Tongue - uLimi
Teeth - amaZinyo
Teeth (complete) - uThotho
Molars - iziBamba
Premolars - oSelekehle beziBamba
Canines - iziVamvasholo
Incisors - izinGxavula
Tooth Gap - isiTshako
Gums - iziNsini
Palate - uLwanga
Uvula - uGovana
Tonsils - amaLaka
Pharynx - umPhimbo
Throut - umQala
Adams apple - iGilo
Vocal chords - amaYiko
Oesophogus - uMinzo
Windpipe - uQhoqhoqho
Lungs - amaPhaphu; amaBhakubha
Heart - inHliziyo; uMongo
Stomach - isiSu
Gall bladder - iNyongo
Intestines - amaThumbu
Rectum - umTshazo
Omentum - umHlehlo
Liver - isiBindi
Pancrease - iNyikwe
Kidneys - iziNso
Bladder - isiNye
Womb - isiBeletho
Foetus - umBungu
Overies - amaQanda
Testicles - amaSende
Nerves – imiZwa
Neurons – inzwa, izinzwa
Vein - umThambo/umuShwe
Artery - umNqonqo
Fat (human) – iDlaligwavuma
Diagphragm – iNhlonhla
Impulses – izimPithi (iPhithi)
Synapses - iminQalo
Motor neurons – iZinzwa zokudikiza
Sensory neurons – iZinzwa zokuzwa
Association neurons – iZinzwa ezixhumayo
Central Nervous system – uHlelo lwezinzwa
Lymphatic system – uHlelo loKetshe
Lymphatic vessels – imiThambo yoKetshe
Lymphatic nodes – amaQhuzwana oKetshe
Lymphatic capillaries – imithanjana yoKetshe
Lymphocytes – amaKetshezana
CELLS – AMANGQAMUZANA
[hlela | Hlela umthombo]Red blood cells – amangqamuzana abomvu egazi
White blood cells – amangqamuzana amhlophe egazi
Protein – isakhamzimba
Enzyme - iNzwayiza