Jump to content

Umzulane oyisichwe

Kubuya ku Wikipedia
Imizulane eyisichwe eyithoba neminyaka eyavubukulwa ngayo
uNomadwala (1801)
uNochoko (1930)
uNoqhuqha (2002)
uNojuku (2003)
uNomakwete (2004)
uNohunga (2004)
uNogxada (2005)
uNoviyo (2005)
uNomagongo (2007)

Umzulane oyisichwe uyindikimba encane enesisindo somzulane ezungeza ngokuqondile iLanga, le ndikimba inesisindo ngokwanele ukuba izungezwe ngokomnyondo, kodwa asanele ukuba iqhoqhobale ozungezweni layo njengoba kwenza imizulane eyaziwayo eyisishiyagalombili yozungezohlelo Lwelanga . Ulunyanyali lomzulane oyisichwe lubizwa uNochoko, okwaphela amashumi eminyaka uthathwa njengomzulane ngaphambi kokuthi isicabango "sesichwe" samukelwe ngowezi-2006.

Imizulane esichwe inabo ubuqhebeqhebe nbokuzabazaba, okuyinto eyayilindelwe ngenxa yokwatholwa uhambo olubizwa Dawn lowezi-2015 lokya kuNomadwala, nohambo olubizwa New Horizons lokuya kuNochoko. Osokuzabazaba bemizulane banelukuluku elikhulu kulokhu.

Ogqayinyanga jikelele bayavumelana ukuthi cishe kunemizulane eyisichwe elithoba kweqokiwe – kokulandelayo kwayo ngobukhulu imi kanje: uNochoko, uNogxada, uNohunga, uNoviyo, uNomagongo, uNoqhuqha, uNojuku, uNomadwala, kanye noNomakwete. Kukhona ukungaqiniseki okukhulu ngomzulae weshumi obizwa Salacia. OKule mizulane esichwe elishumi, emibili seyake yahanjelwa iziphuphutheki (uNochoko noNomadwala) bese eyisikhombisa inenyanga eyodwa eyaziwayo (uNogxada, uNohunga, uNoviyo, uNomagongo, uNoqhuqha, uNojuku, knaye noSalacia), okwenza kube lula ukulinganisa isisindo sayo nokunquma ubuluthe ayo. Isisindo nobuluthe kulula ukuba kufakwe ezinongweni zokuzabazaba ukuze kunqunywe isimo sayo. NguNojuku kuphela, ongakaze avakashelwe nongenayo inyanga eyaziwayo, okwenza kube nzima ukulinganisa isisindo sakhe. Abanye ogqayinyanga babuye bafake nezinye izindikimba ezincane lapho bekhuluma ngemizulane esichwe, kodwa akuvunyelwana ngokwenza lokho.