Jump to content

User:3rLGr3yt3aW/Page 1

Mayelana Wikipedia

This is my draft page 1

---

Original page: Zozibini Tunzi

---

Zozibini Tunzi (right).

UZozibini Tunzi wazalwa ngomhlaka 18 ku-Mandulo 1993, uyimodeli laseNingizimu Afrika. Uqamuka eTsolo, eKapa, wanqoba isicoco sika-Miss Universe ngonyaka ka-2019. UTunzi yintombi yesithathu yaseNingizimu Afrika ukunqoba u-Miss Universe, uTunzi ngumanqoba yokuqala ontsundu walesicoco waseNingizimu Afrika[1]. Okugqamile ngoTunzi yikuthi wanqoba umncintiswano omkhulu ngezinwele zakhe zemvelo ezimfishane. Uma ebuzwa umanqoba uthe, "Ngivela emhlabeni lapho abesifazane abanesikhumba esifana nesami, nezinwele ezifana nezami ababonwa bebahle neze". Uphinde wathi ucabanga ukuthi leyondlela yokucabanga kufanele iguquke kanye ufisa ukuthi uma abantwana bebona ubuso bakhe bazibone. Ngenkathi yomcintiswano, ubuzwe ukuthi, “Yini into ebalulekile ekufanele ifundiswe amantombazane?”, waphendula wathi, “ubuholi”[2].

UTunzi wazalelwa eTsolo, e-Eastern Cape, abazali bakhe ngu-Philiswa Nodapu no-Lungisa Tunzi, futhi wakhulela edolobhaneni eliseduze laseSidwadweni. Unina unguthishanhloko wesikole kanti uyise wayesebenzela umnyango wemfundo ephakeme. UTunzi ungomunye wodadewabo abane. Odadewabo babizwa ngokuthi uYanga, uSibabalwe, no-Ayakha. Igama lakhe elithi Zozibini lisho ukuthi wamukelwa ngezandla zombili futhi livela olwimini lwesiXhosa[2].

uTunzi waqala ukukhangisa nokumodela ngo-2017, wayesahlala e-East London, e-Eastern Cape. Ngonyaka ka-2018 waphothula izifundo zakhe e-Cape Peninsula University of Technology, lapho waphuma neziqu ze-National Diploma[3].

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "Miss Universe Zozibini Tunzi Wants to Influence Generations of Young Africans to Become Changemakers". Global Citizen (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.
  2. 1 2 "Zozibini Tunzi". Miss SA 2024 (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.
  3. "Zozibini Tunzi". Miss SA 2024 (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.