Jump to content

User:IvyroseJ/Draft1

Kubuya ku Wikipedia

Ukubaluleka Komlando.

izindlu zasemandulo zotshani.

Umlando uyisifundo esibalulekile futhi esiyigugu ezimpilweni zabantu.Igama elithi umlando lisho izigameko ezenzeka enkathini edlule,okungaba usikompilo noma indlela abantu ababephila ngayo emandulo,izimpi abazilwayo kanye nezinguquko ezenzeka emiphakathini ngokwahlukana kwayo.Ukufunda mayelana nomlando kusilekelela ekuqondeni ukuthi singobani sazi kabanzi ngemvelaphi yethu nokuthi ukushintsha kwezimo kuyishintshe ngani impilo ephilwa manje uma iqhathaniswa neyasemandulo.[1]

Izwe lase Ningizimu Africa like labhekana nezikhathi ezilukhuni ikakhulukazi ngesikhathi sobandlululo.Ukwazi kabanzi ngobandlululo kusisiza sihloniphe imizabalazo yabaholi.Umlando usifundisa ukubaluleka kokubekezela,ubunye kanye nokuxolelana.Umlando ukhuthaza ubumbano nokuhloniphana phakathi kwezinhlanga ezahlukene.INingizimu Afrika yaziwa ngokuba isizwe sombala wezingane phecelezi i "rainbow nation".Lokhu kubonisa ukuthi noma sihlukene ngezizwe,izilimu kanye namasiko kodwa ngenxa yokwazi nokuhlonipha umlando womunye siba munye.[2]Umlando unendima ebalulekile kwezemfundo.Izikhungo ezifana ne-University of south Africa zifundisa umlando ukuze abafundi bathole ulwazi olujulile ngezikhathi ezedlule.Lokhu kusiza ekwakheni abantu abanolwazi,abakwazi ukuhlaziya nokuthatha izinqumo eziphusile.[3]

Umlando awukhulumi ngezinto ezenzeka kudala kuphela,kodwa uyisibani esikhanyisa ikusasa lethu njengabantu.Kubalulelile ukuthi wonke umuntu ikakhulukazi intsha izinikele ekufundeni nasekuqondeni umlando wesizwe sayo.Umlando ungumthombo obalulekile wokwazi izenzakalo,izinkolelo,nezindlela zokuphila zabantu njengokugcina amasiko namagugu,ukugcina ubuwena,ukuxazulula izinkinga zamanje kanye nokuqonda izilimu nezindawo.[4]

Imithombo Yolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ Makar, A. B.; McMartin, K. E.; Palese, M.; Tephly, T. R. (1975-06). "Formate assay in body fluids: application in methanol poisoning". Biochemical Medicine. 13 (2): 117–126. doi:10.1016/0006-2944(75)90147-7. ISSN 0006-2944. PMID 1. Check date values in: |date= (help)
  2. ↑ Makar, A. B.; McMartin, K. E.; Palese, M.; Tephly, T. R. (1975-06). "Formate assay in body fluids: application in methanol poisoning". Biochemical Medicine. 13 (2): 117–126. doi:10.1016/0006-2944(75)90147-7. ISSN 0006-2944. PMID 1. Check date values in: |date= (help)
  3. ↑ Makar, A. B.; McMartin, K. E.; Palese, M.; Tephly, T. R. (1975-06). "Formate assay in body fluids: application in methanol poisoning". Biochemical Medicine. 13 (2): 117–126. doi:10.1016/0006-2944(75)90147-7. ISSN 0006-2944. PMID 1. Check date values in: |date= (help)
  4. ↑ Makar, A. B.; McMartin, K. E.; Palese, M.; Tephly, T. R. (1975-06). "Formate assay in body fluids: application in methanol poisoning". Biochemical Medicine. 13 (2): 117–126. doi:10.1016/0006-2944(75)90147-7. ISSN 0006-2944. PMID 1. Check date values in: |date= (help)