Jump to content

User:Maraduzi01/Motlalepula Chabaku

Mayelana Wikipedia

UMama Motlalepula Chabaku wayeyilungu eliphezulu lomphakathi futhi eyisishoshovu esaziwayo, umama wesizwe nonobuntu. Wayengomunye wamalungu asebenza ngaphansi kobuholi bukaLillian Ngoyi owahola iMashi Yabesifazane yango-1956 eyayinabesifazane abangu 20 000 abamashela ekomkhulu lombuso eUnion Building ePitoli, bebhikishela imithetho yokucindezelwa ngumbuso wobandlululo ngokuthi abesimame baphathe amapasi. UMama Chabaku usebenze kumaphalamende amabili esifunda saseNingizimu Afrika eGauteng [1] naseFree State eNingizimu Afrika; wabanedumela elandulela ukusebenza kwakhe emphakathini nasemhlabeni jikelele. Wayaziwa ngabaningi ngomdlandla wakhe, umuzwa wakhe oqinile wokusebenzela umphakathi kanye nozwelo lwakhe. Wafakela isiqephu esithi "Going up the mountain"(Ukukhuphuka intaba) ku-anthology yango-1984 ethi Sisterhood Is Global: The International Women's Movement Anthology, ehlelwe nguRobin Morgan.[2] Ugqozi lwakhe olukhulu eminyakeni yakhe ephambili kwakuyimvelo namandla okwelapha ngamakhambi emvelo. Wabuya waba yisazi sezitshalo zemvelo ze-horticulture emadolobheni futhi wasebenzisa isikhathi sakhe esiningi efundisa imiphakathi yaseSoweto, eNingizimu Afrika ngokutshala kanye namakhambi emvelo. Washona ngomhla ka11 Meyi (uNhlaba) ngo 2012[3] esekhaya lakhe eRockville eSoweto.

Umlando wakhe ngemfundo

[hlela | Hlela umthombo]

UMama uMotlalepula Chabaku wafunda kulezi zikhungo zemfundo ezilandelayo:

  • E-Willberforce Training Institute - Evaton South Africa lapho athola khona isitifikedi se-Higher Primary Teachers Certificate phakathi kuka-1952-1953.
  • E-Rose Bruford College of Speech and Drama - e-Kent United Kingdom waphothula iDiploma kanye ne-Associate Membership kuBhodi LeDrama laseGreat Britain ngo-1963.
  • E-Lancaster Theological Seminary - Pennsylvania USA lapho aqeda khona i-Master of Divinity Degree ngo-1979.
  • E-Elizabethtown College - i-Elizabethtown Pennsylvania USA lapho aqeda khona iBachelor of Liberal Studies Degree ngo-1981
  • E-North Carolina A kanye ne-T State University - Greensboro North Carolina USA lapho aphothula khona i-Master's of Science Degree in Education Adult ngo-1984.
  • E-North Carolina A kanye ne-T State University - Greensboro North Carolina e-USA lapho aphothule khona i-Master of Science Degree in Guidance and Counselling egxile kwi-Agency Counselling ngo-1985.
  • E-General Board of Discipleship United Methodist Church - Nashville Tennessee USA lapho aqeda khona isifundo esikhethekile sonyaka owodwa nge-African Spirituality ngo-1991.

Isipiliyoni somsebenzi

[hlela | Hlela umthombo]
  • E-St Cyprian Anglican School - Sophiatown South Africa 1953-1955
  • E-Christ the King School Sophiatown South Africa 1955-1957
  • EThusang Community School - White City Jabavu Soweto South Africa 1960-1962
  • KuMkhandlu Wedolobha LaseGoli, Umnyango Wezindaba we-Non-European Department, Isigaba Sophiki Lwentsha - Johannesburg eNingizimu Afrika 1963-1974
  • E-Christian Institute of South Africa - eNingizimu Afrika 1974-1976
  • E-USA Mission Interpreter for the United Presbyterian Church – Raleigh North Carolina USA Septemba1979 – Juni 1980
  • Umsizi woMfundisi e-Concord Presbyterian Church - Wilmington Delaware USA Disemba - Julayi 1981
  • Umfundisi, isazi samazwe ngamazwe kanye noMeluleki eResidencd eBennett College - Greensboro North Carolina USA Septemba1991-August 1993
  • Usebenze njengoNomsebenzi Womphakathi e-Raleigh Board of Missions and Church Extension of the United Methodist - Raleigh North Carolina USA 1994
  • E-United Methodist Minister wamabandla amathathu - iRandolph Country North Carolina USA Juni 1985 - Juni 1988
  • UMfundisi WamaWeseli WamaBandla amathathu - ICatawba North Carolina e-USA Juni 1988 - Juni 1991
  • UMfundisi WamaWeseli WamaBandla amahlanu aseWeseli ngaphansi kwe-Vanguard Mission yeBandla lamaWeseli - Heidadal Circuit Bloemfontein eNingizimu Afrika, ngoJanuwari 1993 - Meyi 1994
  • USomlomo ePhalamende lase-Orange Free State - Bloemfontein eNingizimu Afrika ukusukela ngoMeyi 1994 - Januwari 1998
  • Ilungu eliphelele lesiShayamthetho saseFreyistata – eeBloemfontein eNingizimu Afrika ukusukela ngoMeyi 1994 – Epreli 1999
  • ILungu loMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe ePhalamende Likazwelonke eKapa njengesithunywa esiphelele sesiFundazwe saseFreyistata –
  • eBloemfontein eNingizimu Afrika ukusukela ngoMashi 2000 - Epreli 2004
  • Ilungu lesiShayamthetho saseGauteng ukusukela ngo-April 2004 - April 2009

Izikhundla eNingizimu Afrika

[hlela | Hlela umthombo]
  • ILungu Lesigungu Esiphezulu Sesifundazwe seNhlangano Yokuhlela Umndeni yaseNingizimu Afrika
  • UMongameli Kazwelonke Wezwi Labesifazane (iVoice of Women - VOW) inhlangano yabesifazane yezinhlanga ezehlukene
  • Umxhumanisi Wohlelo, AmaKlabhu Entsha Yenhlangano YeNingizimu ne-Afrika
  • ILungu ElinguMsunguli Wenhlangano Yabesifazane Abamnyama eNingizimu Afrika kanye neLungu Lephaneli Yemithombo yosizo
  • Uthisha Wesikole, Usonhlalakahle, uSihlalo weKomidi Lonyaka Wabesifazane Wamazwe Omhlaba eNingizimu Afrika, ILungu Eliphethe LeSikole SaseMoroka kanye Namabhodi Esikole Samabanga Aphakeme saseMolapo, Umuntu Wemithombo yosizo (Resource persons) kanye Nomsebenzi Womphakathi we-Christian Institute of South Africa kuze ukufikela kumhla ka 30 kuJuni 1976.
  • Umeluleki kwi-Lifeline for Crisis Counselling, Umeluleki weNhlangano Yabesifazane Yamabandla Azimele Ase-Afrika, i-Women's Association of African Independent Churches (WAAIC)

Ubulunga

[hlela | Hlela umthombo]
  • ILungu Elingumsunguli, Inhlangano Yabesifazane Abansundu yaseNingizimu Afrika, iBlack Women's Federation of South Africa kanye neLungu Lephaneli yayo Yemithombo yosizo i-Resource Panel
  • Ilunga eliphezulu le-African National Congress (ANC) kusukela kumhla ka 2 kuFebruwari (uNhlolanja) 1949
  • Anglican Church of the Province in South Africa
  • Ilungu Eliphezulu Lebandla LamaWeseli laseNingizimu Afrika
  • ILungu loMkhandlu Kazwelonke Wabesifazane base-Afrika, iNational Council of African Women
  • Ilungu LeKomidi Elidlule, IKomidi Lenhloso Jikelele leSikhungo Se_Institute of Race Relations
  • Institute of Race Relations
  • I-Association Member Drama Board of Great Britain (Impilo yakhe yonke)
  • I-Young Women's Christian Association (YWCA) – Phahameng Bloemfontein eNingizimu Afrika
  • Inhlangano Yabasebenzi Bezenhlalakahle YaseNingizimu Afrika i South African Black Social Workers Association (SABSWA)
  • ISANTA Care Group eMangaung Bloemfontein eNingizimu Afrika
  • I-South African Red Cross
  • I-KONTAK – Inhlangano Yabesifazane Yamasiko Ahlukene yobudlelwano obungcono babantu, iMulticulturl Women's Organisation for better human relationships.

Amazwe awahambele

[hlela | Hlela umthombo]
  • Uhambe kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika, eNamibia, eLesotho, eBotswana, eMozambique, eZimbabwe kanye naseKenya.
  • Uhambe kakhulu e-USA, ekhuluma, eshumayela, efundisa futhi eqhuba imihlangano yokucobelelana ngolwazi mayelana noBudlelwane Babantu futhi waya nakumakhonferense emazweni angu 29 eYurophu, eCaribbean, eNingizimu Melika, eCanada nase-Afrika.
  • NgoJanuwari 1987, waya e-Oslo Norway ukuyokhuluma "Ngamalungelo Abantu" eNingizimu Afrika. Waya e-Israel, eJordan, eCanada, eSyria, eBrazil, eBermuda, eJapan nase-Cuba.
  • NgoSeptemba 1994 waya eBern's eSwitzerland ukuyothamela Inkomfa YokuQala Yamazwe Omhlaba YaBongameli besifazane Bezishayamthetho Zikahulumeni.
  • NgoSeptemba 1995 waya eNgqungqutheleni Yesibili Yezizwe Ngezizwe Yabengameli besifazane Bezishayamthetho Zikahulumeni eTokyo, eJapane.

Ukuhambela Amakhonferense Ezizwe Ezihlangene

[hlela | Hlela umthombo]
  • I-United Nations Institute for Training and Research eNorway ngo-1980 mayelana ne-"Women in Changing Societies"
  • I-United Nations ye-Mid-decate for Women and Women's Conferences Phakathi neminyaka Eyishumi Yabesifazane ka 1975-1980 eCopenhagen Denmark.

Imiklomelo nezicaphuno

[hlela | Hlela umthombo]
  • E-Bloemfontein Annual Springs Business Breakfast wakhethwa ngazwi linye Njengomuntu Wonyaka "ngo-1995.
  • Mhla ka 27 Mashi (kuNdasa) 1996 waklonyeliswa ngendondo ehlonishwayo ye-Afrikaans Language Cultural Association - Ladies Award.
  • Mhla ka 17 Epreli (kuMbasa) 1996 wavotelwa ngazwi linye njengesakhamuzi sonyaka saseBloemfontein".

Izixhumanisi zangaphandle

[hlela | Hlela umthombo]
  1. AgriTV Reverend Motlalepula Chabaku
  2. ULwesithathu, 5 July 2006, Uganda Parliament
  3. I-south Africa Tackles Social Inequalities
  4. I-Christina Nku kanye no-St John's 100 Years Kamuva
  5. IMASA Newsletter September 2007
  6. I-Sojournos Magazine kaJulayi 1980

Amareferensi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.iofc.org/obituary-motlalepula-june-chabaku%20
  2. https://web.archive.org/web/20151208065459/https://catalog.vsc.edu/lscfind/Record/154795/TOC#tabnav
  3. https://www.iol.co.za/news/politics/last-surviving-womens-marcher-dies-1295275