Jump to content

User:Ntombizimbili/Draft 1

Kubuya ku Wikipedia
Ukubaluleka kwabantu besifazane



Ukubaluleka kwabantu besifazane

[hlela | Hlela umthombo]

Inhlava iyabekelwa,sebevundlisile ezibelethweni zabo abantu besifazane baphinde basihlahlamelisa kuyoyonke imimoya emibi.Kufanele sibabonge sibaphe inhlonipho, uthando kanye namathuba alinganayo.Abantu besifazane babalulekile kakhulu emphakathini wethu nasemhlabeni womke.Baneqhaza elikhulu ekwakheni imindeni,ekuthuthukiseni umnotho, nasekuqinisekiseni ukuthi izizukulwane ezizayo zikhule kahle. Ukubaluleka kwabantu besifazane akugcini nje ekhaya kuphela,kodwa kubonakala nasezikhungweni zemfundo,kwezombusazo,kwezempilo kanye nakwezamabhizinisi njalo njalo.

1.Indima yabesifazane emndenini

Emdenini owesifazane uvume ukuba ngumama,umeluleki,nothisha wokuqala wengane.Ufundisa izingane ukuhlonipha ,ukusebenza kanzima nokuba nobuntu.umama udlala indima enkulu ekukhuliseni ingane ezizoba ngabaholi bakusasa.Ngaphandle komsebenzi wabo omkhulu imindeni eminingi ibingeke ime iqine.[1]

2.Abesifazane kwezemfundo

Abesifazane abaningi namuhla bayafunda futhi bathole iziqu eziphakeme.Ezweni laseNingizimu Afrika, ezinhlangano ezifane ne-Department of women, Youth and Person with Disabilities zikhuthaza amathuba alinganayo emfundo nentuthuko,uma abesifazane bathola lemfundo bayakwazi ukuzimele , ukusiza emndenini yabo nokuthuthukisa umphakathi.[2]

3. Abasesifazane kwezombusazwe

[3] Abesifazane baphinde babambe iqhaza elikhulu kwezombusazwe isibonelo , u-Phumzile Mlambo-Ngcuka uke waba yiphini likamongameli waseNingizimu Afrika futhi waphatha inhlangano i-UN Women. Lokho kukhombisa ukuthi abasifazane bayakwazi ukuhola nokwenza izinqumo ezibalulekile ezithinta izwe nomhlaba.


Ukubaluleka kwabantu besifazane akunakuphikwa, ukubaluleka kwabo angeke sakubonga nangemilomo eyizigidi.Bangumgogodla womphakathi,abakhi bomndeni,nabaholi bakusasa.


IZINKOMBA

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Singh, J.P. (2010-12-01). "United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization (UNESCO)". doi:10.4324/9780203838587.
  2. "Youth Development Centers". PsycEXTRA Dataset. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-26.
  3. "Women and the UN Security Council", International Law (Oxford University Press), 2022-02-21, ISBN 978-0-19-979695-3, https://doi.org/10.1093/obo/9780199796953-0234, retrieved 2026-02-26