User:SibaWM/sandbox
{{subst:submit}}
Akumangazi ukuthi iNingizimu Afrika ibe nomlando omude ocebile womculo onethonya elikhulu emhlabeni okuhlanganisa namaculo esintu ayeculelwa abantwana ukuze balale kahle. Lokhu kungenxa yokuthi umculo wawuyindlela abantu ababethola ngayo induduzo ezikhathini eziyinselela zobukoloni kanye/noma imibuso yobandlululo e-Afrika. Kodwa uma kungenjalo amasiko namasiko amaningi ase-Afrika ajwayele ukusebenzinsa ingoma nomdanso noma ngabe kusenjathsulweni noma osizini. Kulesi sihloko sizogxila ilensi yethu kuThula Baba Thula Sana[1] iculo eseliyintandokazi zwelonke kumaculo ase-Afrika.
Umlando weLullaby
[hlela | Hlela umthombo]Ngenxa yokungabi bikho komlando wokuqopha akwaziwa ukuthi leliculo laqanjwa ngubani futhi nini ngempela kodwa esikwaziyo wukuthi leli culo laqala ukuduma[2] nokwaziwa ngeminyaka yama-70s kodwa lokhu akusho ukuthi ingoma yaqanjwa yahlelwa ngaleso sikhathi kuphela – kungenzeka ukuthi beselikhona eminyakeni yaphambilini. Esikwaziyo futhi ukuthi ingoma ibhalwe ngolimi lwesiZulu futhi uculwa ngohlobo lwe-Akhaphela. Umlando waleli culo ulandela ukuthi laliculwa omama bezingane zabo ukuze baduduze ingane uma umyeni noma ubaba ehambile eyosebenza emazweni akude njengasezimayini zegolide eGoli noma eZimbabwe, uma kungeyena ubaba osebenzela ezimayini zegolide yayiculwa ngumnakekeli wengane ekhaya emaphandleni uma umama engekho ngenxa yomsebenzi wasemakhishini edolobheni noma ehambile eyothenga edolobheni noma eyolanda izinkuni ehlathini.
Izinguqulo zeculo
[hlela | Hlela umthombo]Namhlanje sikhuluma nje ingoma inezinguqulo nezinguqulo[3] (renditions and translations) eziningi ezihambiselana nesimo lapho iculwa khona ingoma, kodwa ukuvumelana kuhlala kufana ezikhathini eziningi. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi leliculo liyafana kodwa lihluke ngama-melodies, nama-lyrics kanye nezimo eliculwa kuzo. Kube isambulo ukuthola ukuthi ngesinye isikhathi leli culo laliculelwa omama amadodana abo ayehanjiswe ngenkani ngamaphoyisa obandlululo ukuba ayosebenza ezimayini eziyingozi zaseZimbabwe phakathi kwa-1980 no-1989 ngezikhathi zokuboshwa kukaNelson Mandela namanye amaqhawe omzabalazo. Ezikhathini eziningi lezi zinsizwa zazingabuyeli emakhaya zazifela emsebenzini. Ngakho-ke, lapho umphakathi uzwa lezi zindaba zokuthi kubulawe izinsizwa zomakhelwane ezimayini, izintombi nabantu abadala babengena emigwaqeni behamba bengqongqoza emizini bicula lengoma beduduza omama abangabafelokazi futhi kokunye beqoqa lokho okubizwa ngokuthi “umnikelo” (imali eqoqwe endishini) ukuze inikwe omama njengoba belahlekelwe izingane zabo.
Iculo:
[hlela | Hlela umthombo]Thula Baba, Thula sana - Lullaby (Zulu)[4]
[hlela | Hlela umthombo]Thula thul, thula baba, thula sana,
Thul'ubab uzobuya, ekuseni.
Thula thul, thula baba, thula sana,
Thul'ubab uzobuya, ekuseni.
Kukh'inkanyezi, zi-holel' ubaba,
Zimkhanyisela indlel'e ziyak-haya,
Sobe sikhona ka bonke bashoyo,
Bayathi buyela. Ubuye le khaya.
Thula thula thula baba,
Thula thula thula sana.
- ↑ "Thula Baba - South Africa". Mama Lisa's World of Children and International Culture. Kulandwe ngomhlaka 2022-08-01.
- ↑ Powell, Azizi (2016-05-09). "pancocojams: Eight Examples OF The South African Lullaby "Tula Baba" (Thula Mama, Tula Sana & Other Similar Titles)". pancocojams. Kulandwe ngomhlaka 2022-08-01.
- ↑ www.joanlitman.com https://www.joanlitman.com/archive. Kulandwe ngomhlaka 2022-08-01. Missing or empty
|title=(help) - ↑ "Thula Baba - South Africa". Mama Lisa's World of Children and International Culture. Kulandwe ngomhlaka 2022-08-01.