Jump to content

User:Wazewathandwa/Page1

Mayelana Wikipedia

This is my draft page.

---

Original Page: IBanyana Banyana

---

Abadlali BeBanyana Banyana

Iqembu lesizwe lebhola lezinyawo labesifazane laseNingizimu Afrika eliteketiswa ngokuthi iBanyana Banyana, yiqembu lebhola lezinyawo elingaphansi kwenhlangano eyangemele ibhola lezinyawo eNingizimu Afrika eyaziwa ngokuthi yi-South African Football Association. Umqeqeshi wokuqala waleli qembu kwakungu-Augusto Palacios. Umqeqeshi waleli qembu manje nguDesiree Ellis. Waqala ukuqeqesha le qembu ngonyaka wezi-2016. Emva kwemizamo eminingi ngaphambilini, iBanyana Banyana iwine i-WAFCON kokuqala ngo-2022 emva kokuhlula i-Morocco 2-1. [1]

Umdlalo wokuqala osemthethweni weBanyana Banyana wadlalwa mhla zingama-30 kuNhlaba 1993 ne-Kingdom of Eswatini. [2] IBanyana Banyana yawunqoba ngo 14–0 lo mdlalo. Umqeqeshi owine i-WAFCON ngo-2023, u-Desiree Ellis, udlale kulowo mdlalo futhi washaya amagoli amathathu.

Umdlalo wabo wokuqala namazwe angaphandle kwe-Afrika bawudlale neChina. Badlale imidlalo emibili bahlulwa ngo 8-0 no 13-0. [3] Umdlalo abawuhluwe kuwo ngo-13-0, kube wumdlalo abahlulwe kuwo ngenani eliphuzulu emlandweni wabo. Leli qembu laqala ukunqoba izwe elingaphandle kwe-Afrika ngo-2000, lapho lashaya khona iScotland ngo 2-0 kuCyrus Women’s Cup. [4]

Ukunqoba ngenani eliphezulu kweNingizimu Afrika kwenzeke emdlalweni weCOSAFA Women’s Championship, eGqeberha, mhla zingama-31 kuNtulikazi wezi-2019, ngesikhathi ihlula iComoros ngo 17–0. [5] Ukaputeni uRefiloe Jane washaya amagoli awu-4 lapha.

Imithombo yolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.cafonline.com/caf-womens-africa-cup-of-nations/news/from-history-makers-to-title-defenders-coach-desiree-ellis-on-banyana-banyana-s-next-chapter/
  2. https://www.sasolinsport.co.za/about-banyana-banyana/#:~:text=Sasol%2Dsponsored%20Banyana%20Banyana%20are,with%20a%20match%20against%20Swaziland.
  3. https://www.safa.net/news/banyana-banyana-at-a-glance/
  4. https://www.safa.net/news/banyana-banyana-at-a-glance/
  5. https://www.news24.com/sport/record-breaking-banyana-thrash-comoros-17-0-in-opening-cosafa-clash-20190731