Jump to content

User:WikiNingizumu/Inkosi uBhambatha kaMancinza Zondi

Mayelana Wikipedia

Inkosi uBhambatha kaMancinza Zondi (c. 1865-1906?), wayeyiNkosi yesizwe sakwaZondi. UBhambatha wayeyindodana yeNkosi uMancinza Zondi. UBhambatha waduma kakhulu ngeqhaza alibamba empini kakhandampondo (Poll Tax) yangonyaka we-1906. Le ntela yayikhokhwa ngumnumzane wekhaya. Le ntela yaba ngu-£1 kuwo wonke amadoda omdabu aneminyaka engaphezu kwengu-18 - yabe isiduma ngokuthi ukhandampondo. Ukwanda kwalentela kwabangela abantu abamnyama ubunzima ngesikhathi becindezelwe kakhulu ngokomnotho. UBhambatha uthi watshelwa ukuthi ahole impi yokuvukela umbuso ehlomile yiSilo samaZulu uDinizulu. UDinizulu wakuphikisa njengoba kungekho okwake kwaba ubufakazi ukuthi ngempela iSilo sakusho.[1]

Iminyaka yakhe esemncane

[hlela | Hlela umthombo]

Akukacaci ukuthi uBhambatha wazalwa ngamuphi wona unyaka ngenxa yokuthi awekho amarekhodi abhaliwe noma izitifiketi zakhe zokuzalwa zokuzalwa ezake zatholakala. Okukhona ukungathekisa kwabantu nakho abakulinganisela ukuthi uBhambatha wazalwa ngo-1865, kwaMpanza, eduze nedolobha laseMgungungdlovana (Greytown), kwikholoni laseNatali (Natal Colony). Wayeyindodana yeNkosi uMancinza, eyayibuye yaziwe ngokuthi uMacinga, yobukhosi besizwe sakwaZondi. Unina weNkosi uBhambatha wabe eyinkosikazi eyiNdlovukazi yeNkosi uMancinza. Unina weNkosi uBhabhatha wayeyindodakazi yeNkosi uPhakade Mchunu nowabe eyiNkosi ebalulekile esizweni samaZulu. INkosi uBhambatha udume nangokuthi ungomunye wamaqhawe kaZulu ayizi-10,000 aqaphela idlinza leNdlovukazi uNabdi nongunina kaShaka Zulu unyaka wonke. Kuthiwa wayeyiqhawe likaZulu ngaphansi kwamabutho eSilo uShaka Zulu.[2]

Ukuvukela umbuso

[hlela | Hlela umthombo]

INkosi uBhambatha udume ngokuba ngomunye wamaqhawe kaZulu aqaphela idlinza noma liba leNdlovukazi uNandi, kodwa waziwa kangcono ngeqhaza lakhe alibamba ekuvukeleni umbuso ngonyaka we-1906 lapho intela yakhuphuka isuka enteleni ngayinye iya ekhanda ngalinye (intela engu-£1 kubo bonke abantu bomdabu ababeneminyaka engaphezu kweyi-18 - ebizwa ngokuthi i-ukhandampondo eyandisa ubunzima ngesikhathi sokubandlulukeka kwabantu abamnyama kwezomnotho.

Ngemuva kokwethulwa kwentela (Poll Tax), uhulumeni waseNatal wabe esesola ukuthi INkosi uBhambatha yabe isijoyine amanye aMakhosi akulesi sifunda azwakalisa ukungenami kwawo nokungayikhokhi intela. Imantshi yaseGreytown, uMnuz J. W. Cross, yabe isibizela INkosi uBhambatha khona eMdlovana (Greytown). INkosi uBhambatha, esabela ukuboshwa, akazange alubhade emhlanganweni; esikhundleni salokho wathuma abadala bakhe ukuba bahlangane nayo imantshi esikhundleni sakhe. Khonamanjalo, induna yakhe uNhlonhlo yaphumela obala yavukela le ntela yafunga yagomela ukuthi izolwa uma uhulumeni ezama ukuqoqa intela ngenkani. Imizamo yeNkosi uBhambatha yokuqeda ukuvukela umbuso yehluleka.

Ngokubona ukuthi uhulumeni waseNatali uzimisele ngokuqeda ukungezwani wabe esehlanganisa ibutho elalingaphansi kukaMajor W.J. Clark wamaPhoyisa aseNatali kanye namaphoyisa angu-170 aseMount Police ukuba ambophe, mhla ziyi-11 kuNdasa wezi-1906, INkosi uBhambatha yabalekela kwaZulu yathola indawo yokukhosela kwiNkosi uDinuzulu eyameluleka ngokuthi abuyele kwaMpanza. Ekubuyeni kwakhe uthole ukuthi wehlisiwe kwafakwa umalume wakhe uMagwabagwaba. Wakhosela ehlathini laseNkandla. Kusuka lapha amanye amakhosi nabalandeli bawo angena embuthweni wayo iNkosi uBhambatha kwaliwa.[3]

Ngawo unyaka ka-1906, iSilo uDinizulu wasoleka ngokuba nesandla ekuvukeleni umbuso kukaBhambatha owenqaba ukukhokha intela yokuvota eyasungulwa nguHulumeni waseNatal. AmaZulu aqhubeka nokuthatha uDinizulu njengeNkosi. Uhulumeni waseNatali wabe elindele ukuthi iSilo uDinizulu sibhekane kanzima nalezi zinxushunxushu. Ngesikhathi uDinizulu engakwenzi lokho waboshwa ngo-1909 esolwa ngokufukamela amavukelambuso uBhambatha nomkakhe. Yize uNdunankulu waseKapa u-WP Schreiner wazama ukumvikela kepha iSilo uDinizulu wagwetshwa iminyaka emine, ebhadla ejele.[4]

Ukuvukela umbuso kwaqedwa ngoNhlangulana wangonyaka we-1906 kanti inhloli kahulumeni eyakwazi ukungena embuthweni kubikwa ukuthi yabulala iNkosi uBhambatha ehlathini. Kodwa-ke, abanye babasekeli bakhe abathembekile babambelela ekutheni wabalekela eMozambique futhi wahlala ecashile lapho kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngeminyaka ye-1920. Nokho amabutho aseNatal ashaya phansi ngonyawo athi owabulawa eNkandla Forest uyena nekhanda elikhonjiswe umphakathi ngelakhe. Ukuhlolwa kolibofuzo olwakhishwa ekhukhwini lezinwele ezazitholwe kwelinye lamaphoyisa aseNatal aziphumelelanga ukuveza ubufakazi obuphelele bokuthi lezi zinwele ezeNkosi uBhambatha.[3]

Imithombo yolwazi

[hlela | Hlela umthombo]

[[Category:Abazalwa nge-1860s]]

  1. P. S. Thompson, 'Bambatha ka Mancinza (1865/6–1906)’, Oxford Dictionary of National Biography, Oxford University Press, Oct 2006 accessed 05 June 2025
  2. "Chief Bhambatha kaMancinza Zondi | South African History Online". sahistory.org.za. Retrieved 5 June 2025.
  3. 1 2 https://sahistory.org.za/people/chief-bhambatha-kamancinza-zondi retrieved 05 June 2025
  4. chrome-extension://efaidnbmnnnibpcajpcglclefindmkaj/https://www.sahistory.org.za/sites/default/files/archive-files3/age-hope.pdf