Jump to content

User:WikiZkzn1234

Mayelana Wikipedia

UBUHLALU

Ubuhlalu bungenye yezinto eziyigugu uma kukhulunywa https://scholar.google.com/scholar?hl=en&as_sdt=0%2C5&q=maphumulo%2C+ubuhlalu&btnG=#:~:text=CBS%20Xulu%20%2D%202002%20%2D%20uzspace.unizulu.ac.za ikakhulu esizweni samaZulu. kuyahlotshwa ngabo. Ubuhlalu buyincwadi kaZulu. Izintombi zazixoxa yonke indaba namasoka azo ngokuzithumelela ubuhlalu njengoba esikhathini samanje zithumela izincwadi, imiyalezo ngamaselula nangeposinyazi. Ubuhlalu buyasetshenziswa uma kwakhiwa noma kuhlotshiswa imvunulo enjengamadavathi noma izigqizo okuhlotshwa ngazo ngezansi kancane kwedolo; eqakaleni nasentanyeni. Isidanga sona sifakwa izintombi selukwa ngentambo bese sihlotshiswa ngobuhlalu bese intombi isigaxa entanyeni. Isigege naso senziwa ngobuhlalu intombi bese isibhinca ngaphambili. Isiheshe naso senziwa ngobuhlalu sifakwa izintombi okhalo. Kuyenzeka yehlukane ngokwezindawo imibala https://scholar.google.com/scholar?hl=en&as_sdt=0%2C5&q=mbokazi+samukelisiwe+diligence&oq=#:~:text=SD%20Mbokazi%20%2D%202021%20%2D%20University%20of%20Zululandhttps://scholar.google.com/scholar? kanjalo nokuxutshwa kwemibala yabo. Lokhu kwenza ukuthi usheshe wazi ukuthi lowo ohlobile ubuya kuphi nendawo.

Kunemiyalezo equkethwe noma edluliswa imibala yobuhlalu. Esizweni samaZulu imiyalezo yothando yayedluliswa ngobuhlalu. Obumhlophe busho ubumsulwa, uthando, ukulunga, inhlanhla, injabulo, izingane. Obumnyama busho umshado, ubumnyama, ukuphoxeka, usizi, umuntu onesikhumba esimnyama. Obuluhlaza ngokuzothile ukwethembeka entweni ethile, ukungazizwa kahle ngento ethile. Obuluhlaza okuphakathi busho ukuba sesimweni sokwemukela into ethile, injabulo yasekhaya, ukungavumelani. Obubomvu busho ukujula othansweni, inhliziyo eshayo, inkumbulo enkulu, ukungabekezeli, ukudinwa, ukuphathwa inhliziyo, isibonelo,anagithokozi ngendlela umshado wami oqhubeka ngayo inombuzo. Obuphuzi busho umcebo, isivande, imboni yasekhaya, ukoma, ukuwohloka, ukuswela, isibonelo, ngikhathazekile ngokuqhubeka ngigakuboni. Obumpofu busho indlala, izinga eliphezulu lokuzala noma isikhundla esiphezulu, ubuvila, isifungo noma isethembiso.