User:Winter month/Page 1
This is my draft page 1
---
Original page; Dumisani Sibiya
---

UDumisani Sibiya ungumbhali wolimi lwesiZulu[1]. Wazalwa mhla zingama-29 kuMbasa 1976. Usezuze izindondo eziningi zokubhala izincwadi, izinkondlo kanye nezindaba ezimfushane ngolimi lwesiZulu. Udume kakhulu ngenoveli yakhe yokuqala ngqa akayishicilela ngonyaka wezi-2002 esihloko esithi Kungasa Ngifile. Ngale noveli wazuza indodo yesiliva emncintiswaneni owaziwa ngokuthi, Umklomelo wakwaSanlam woMbhalo wentsha (Sanlam Prize for Youth Literature). USotobe ufundisa eNyuvesi yaseGoli (University of Johannesburg) lapho egxile khona ezifundweni zemibhalo kanye nezilimi[2].
Impilo yokuqala nemfundo
[hlela | Hlela umthombo]USibiya wazalelwa endaweni yaseNquthu, eNyakatho neKwaZulu-Natali esigodini saseMhlangeni. Imfundo yakhe yamabanga aphakeme wayithola eCelumusa High School okuyisikole esisesigodini saseHaladu khona eNquthu. Waqeda umatikuletsheni (ibanga le-12) ngonyaka wezi-1994 khona eCelumusa High School lapho ayeyisihlabani ezifundweni zeZibalo kanye nezeziLimi . Emva kokuphothula amabanga aphakeme ngonyaka wezi-1998 walibangisa kwaNdongaziyaduma lapho enza khona iziqu zika-BA neNyuvesi yaseWitswatersrand. Izifundo ayegxile kuzo kule Nyuvesi kwabe kuyisiZulu, ezemiBhalo yase-Afrika (African Literature), ezeMidlalo namaFilimu (Drama and Film). USotobe wabuye waqhubeka nezifundo ze-BA Honors ngonyaka wezi 1999 esegxile eziLimini zaboMdabu nasemiBhalweni yase-Afrika kuphela. Izifundo ze-BA Honors wayezenza mbaxa-mbili ne-MA eziFundweni zokuShiclila kusukela ngowezi-2000 kuya kowezi-2001 zombili lezi ziqu wazithola ngamalengiso. Ngowezi-2022 uSibiya wathwesa iziqu zobudokotela eNyuvesi yaseGoli ngomqulu wakhe osihloko sithi 'Narrating the Nation: A Postcolonial Reading of Jabulani Mngadi's Novels[3].
Imisebenzi
[hlela | Hlela umthombo]Emva kokuphuthula izifundo zakhe ze-Masters eNyuvesi yaseWitswatersrand uSibiya wahlabana nesikhundla sokufundisa imiBhalo yaseAfrika, isiZulu, kanye neziFundo zeMidiya eSikoleni sezeMibhalo kanye neziFundo zeziLimi, lesi sikhundla wasibamba kusukela ngonyaka wezi-2001 kuya kowezi-2004. Emva kokufundisa iminyaka emine ilandelana wajoyina inkampani yabashicileli i-Macimillan South Africa lapho ayesebenza njengomsizi kamshicileli, wasebenza izinyanga eziyisithupha . Ngonyaka wezi-2005 wasebenza enkampanini ebizwa ngokuthi i-Graphicor Communications lapho ayesebenza khona njengosozilimli. Wasebenza iminyaka emibili nohhafu ngaphambi kokuthi abuyele embonini yezokushililela ngonyaka wezi-2007.
NgoNhlangulana wezi-2007 uSotobe wasebenza njengomshicileli wezilimi zase-Afrika kwaClever Books (eyabe ingaphansi kwakaMacmillan South Afrika). Kulesi sikhundla wayeqasha ababhali, ebaqeqesha aphinde abashicilele. Wabuyela emkhakheni wezemfundo ngonyaka wezi-2012 lapho ajoyina khona iNyuvesi yaseGoli okulapho esezinze khona efundisa izifundo zemiBhalo kanye neziLimi.
Izincwadi
[hlela | Hlela umthombo]- Kungasa Ngifile (2002), Cape Town: Tafelberg
- Ngidedele Ngife (2006), Cape Town: Tafelberg
- Ngiyolibala Ngifile 2010), Cape Town: Tafelberg
- Amazolo Ayizolo (2012), Cape Town: Via Afrika
- Inkululeko Engakhululekile (2020), Pretoria: Weza Home Publishers
Izindaba ezimfushane
[hlela | Hlela umthombo]- Imikhizo (2004), Johannesburg: Macmillan South Africa
- Izinzulu ZikaZulu (2011), Johannesburg: Macmillan South Africa
- Isiqongo (2005), SR Mdluli (umhleli) Pretoria: Stimela Publishers
- Sidla Ingqatho neFutho (2007), Mkhambeni, N (Umhleli), Pretoria: Afritude
Izinkondlo
[hlela | Hlela umthombo]- Senz' Okwethu (2006), CD Ntuli (umhleli), Pretoria: Stimela Publishers
- Izinyosi (2007), Rooderport: Vilvia Publishers
- Zibuyile Emasisweni, CD Ntuli & DBZ Ntuli (abahleli), Cape Town, Oxford University Press
- Isibusiso Nezinyembezi, EDM Sibiya (Umhleli),
Imidlalo
[hlela | Hlela umthombo]- Welcome to Johannesburg, Zweli Sibiya & Dumisani Sibiya
Kumajenali
[hlela | Hlela umthombo]- Performance to Print and Print to Performance: Plays, Adaptations and Book Reading on South African Radio. Journal of African Cultural Studies, Volume 14, No.2, December 2 2001. pp.137-152[4]
Amaphepha akawethula kwizinkomfa
[hlela | Hlela umthombo]- Performance to Print and Print to Performance: Plays, Adaptations and Book Reading on South African Radio, lethulwa eNyuvsesi yaseRhodes ngowezi-2001
- Postulating Audience in isiZulu Radio Drama: Narration, Characterisation and Theme in Mlaba's uNdlebekazizwa, Iphephaelafundwa eNyuvesi yase Birmingham, eBukhosini oBuhlangene, ngoMandulo wezi-2002
- Cry Not; Try A Lot: The Development and Promotion of African-language literatures in South Africa, iphepha elafundwa kwinkomfa e-ALASA, eNyuvesi yaseVenda eNingizimu Afrika ngoNtulikazi wezi-2012
Imiklomelo nemifundaze
[hlela | Hlela umthombo]- DR TW Khambule "Growing Our Timber" Award.
- Isaac Moephuli Memorial Award.
- Harold and Doris Tothill Bequest Fund Scholarship.
- ISMA-Maurice Floir Award.
- Vilakazi Memorial Award.
Imithombo yolwazi
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Conversation with South African Writer, Dumisani Sibiya". Geosi Reads (in i-English). 2012-07-11. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.
- ↑ "Prof Dumisani Sibiya". University of Johannesburg (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.
- ↑ "Research Portal". ujcontent.uj.ac.za. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.
- ↑ "ORCID". orcid.org. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.