User talk:Mntwana Ndukenhle 'Senzangakhona' Zulu
Faka isihlokoIndlu yaseGazini eNdlunkulu kaZulu The Zulu KingDom
Indlu yaseGazini ivela komunye umuzi weNkosi uNdaba kaMageba, nokungumuzi wayo eyabe ichithela khona igazi uma yenza imisebenzi, okungukuthi lomuzi kulesisikhathhi samanje singawufanisa nomuzi weSilo busa waseNyokeni okuyiwona osingatha imisebenzi nemigubho emikhulu yesizwe. Ziningi izindlu eziphuma endlini yeNkosi uNdaba kaMageba yaseGazini.
Kukuyo lendlu futhi la kuphuma khona abantu baseMgazini-okungoNtshangase noBiyela
Indlu yaseGazini eMnyandlwini eMathongeni
—Iyonandlu enkulu kwezaseGazini lena
Undaba wazala uMnomo yena wazala uZivalele-owazala uMkhanyile noNxagwana.
UMkhanyile wazala uNkankane-owazala uMabhekeshiya-yena wazala uBhota-ozala inkosi
uThandabantu.Alpheus kanye noMntwana uPhumempini kube uMntwana Phumempini wazala uMntwana uBhekabantu okunguye ohleli esiHlalweni kumanje bese kuthi uMntwana Madodathini uzale uMntwana uVikizitha noMntwana uXola
Indlu yaseMgangado Kwa Ceza
UNdaba wazala uGanganana yena wazala uNtshingwayo, uMabophe, uNkunziyezindlovu noHamuza.
UMntwana uNtshingwayo wazala uKlwana yena wazala uMuntumuni owazala uMlokothwa yena wazala uMntwana uSalabelibanga wazala u Mntwana NkosiyeNhliziyo osesihlalweni kumanje kwaCeza
yena uzele uMntwana u Vukile , Mntwana Zuzingcebo , Mntwana Mondli , Mntwana Mndeni ,Mntwana Mthobisi , Mntwana Ziphezinhle
Indlu yaseNkulakude
UMabophe kaGanganana wazala uMlothamude yena wazala uPhakathikombango owazala u-Albert
Indlu yakwaDayingubo
UNkunziyezindlovu kaGanganana wazala uWezi yena wazala Umzwakali owazala Ufuzamangwane yena wazala uKhiphaliphi
Indlu yakwaKlibhi
UHamuza kaGanganana wazala uManqayi owazala uKhehla yena wazala uMkhuzeni owazala uNxebakalihlekwa
INDLU YAKWANSIMBI--KWAMBUZI
Indlu kaMbuzi kaNdaba lona owazala uSthayi owazala uMbopha noNkabane.Unkabane yena wazala uSimoyi ozala uZombode yena wazala uSizanempi owazala iNkosi uBhekizitha
uMntwana uSithayi kuthiwa uzala labantwana uMbopha, Nkunga,Nkabane, Sigwaza (ozala ho wami), Ngubeza, Ntumeni, Mbongi, Shadisa, Mantangata ongukhokho noma ozala okhokho kumntwana uLucky lo osebenza esiqiwini, kube umntwana uMpaphe
IziNdlu zakwa Nodunga 1, 2 , 3
uMuzi wakwaNodunga ngumuzi woMntwana uMudli kaNkwelo kaNdaba
Ake sizalanise abantwana baseGazini lakwaNodunga1&2
uMntwana Mudli wakhanda umuzi wakhe wathi kukwaNodunga uMudli wabe ezalwa ngu Nkwelo waba libamba bukhosi ngesikhathi kukhothama iNkosi uJama nguyena uMudli owabheka uMuzi weNkosi uJama kwaNobamba kulapho uMudli wezindlubu namakhasi azo abambela khona iNkosi uSenzangakhona ngoba yabe isencane kakhulu ukuba ingabusa wabamba isikhathi eside uMudli esizana noNdlunkulu weNkosi uJama uMthaniya ibona ababebheke isizwe kuliphutha ukuthi uMntwana uMkabayi waba libamba bukhosi owabamba kwaba nguyise omncane kaMkabayi uMudli
emveni kokuhlala kweNkosi esiHlalweni sakhe uMudli wabe eseyokwakha umuzi wakhe wakwaNodunga okulapho azale khona uMthimuni no Sgwebana uSgwebana wabe eMdala eyiNkosana ka Mudli
ekudluleni kukaMudli umuzi wabhekwa uSgwebana noMfowabo uMthimuni kuthe ngesikhathi seMpi yaseMasundwini uMntwana uSgwebana noMntwana uMthimuni baxoxisana ukuba kungakuhle ukuba bangayi bobabili empini ngoba kungenzeka bengabuyi bobabili bavumelana kuba kumele kuhambe oyedwa ukuze uma omunye esala eMpini akwazi ukusala omunye avuse uMuzi woMntwana uMudli
ngempela bavumela ngokuthi uMntwana uSgwebana nguyena ozokuya eMpini wabe esecela uMfowabo uMthimunio ukuba uma kwenzeka esale empini ucela ukuba amuvusele indlu yakhe noma amulungisele undlunkulu wakhe ngoba wayengakabi nabo abaNtwana
uMntwana usGwebana wabe eyiNkosana ka Mudli kunguye okumele abe iNkosi uma kudlula uyise kodwake uMntwana uSgwebana wasala eMpini engakabi nabo abaNtwana kuthe lapho sekuzwakele kuthi uMntwana uSgwebana kasekho uMntwana Mthimuni wenza njengesivumelwano sabo nomfowabo wahamba wayolungisa uNdlunkulu woMntwana uSgwebana engasekho wazithwala uNdlunku kasGwebana nokulpho azala khona uMntwana uChakijana
kuthe kusenjalo uMntwana uMthimuni wazala uMntwana uNdlovu nokuthe lapho sebekhulile baqala baba nokubanga kuthi makwedl;ula uyise wabo uMntwana umthimuni uban okumele ahlale esiHlalweni sikaSgwebana
kwaze kaba ukuthi uMntwana uMthimuni uyazehlukanisela izingane zakhe indawo walisika Phakathi izwe uMntwana uMthimuni omunye wamusa ngapheya eMvoti okulapho kuhleli khona uMntwana uNdlovu kaMthimuni kaMudli kaNkwelo kaNdaba nokulapho akhanda khona umuzi weNkosi Mntwana uMudli wawuqamba ngokuthi kukwaNodunga 2 wesibili ngoba bekhumbula ukhokho wabo uMudli bevusela yena iMizi
kwabe sekuthi uMntwana uChakijana yena wamabela izwe lasoThukela laphaya okuseLembeni khona manje laphoke kunomuzi weNkosi uMudli nakhona ngoMntwana uChakijana owaba iNkosi khona oThukela wafike wakha uNodunga 1
KwaNodunga(i)
Indlu lena yoMntwana uSgwebana kaMundli kaNkwelo kaNdaba. Usgwebana wazala uChakijana-yena wazala uMbango-owazala inkosi uManukanuka Phineus yena wazala ,iNkosi u Goodwill Qedisono yena wazala uMntwana Omkhulu oyiNkosi njengamanje uNkanyiso Zulu.
kwaNodunga(ii)
Indlu lena yoMtwana uMThimuni kaMundli kaNkwelo kaNdaba. UMthimuni wazala uNdlovu-yena wazala uPiet-owazala uNdoda-owazala inkosi uQedezakhe yena ozala uMntwana Omkhulu oyiNkosi njengamanje u Nkosikhona Zulu.
eMqekwini
akwe sibheke loMuzi weNkosi uNdaba
Nkosi uJama KaNdaba kaPhunga no Mageba uzalwa eNdlini okuthiwa iseMqekwini eGazini
Wabe esakha umuzi wakhe okuthiwa kukwaNobamba
kwa Nobamba eGazini leNkosi-uNdaba/eMakhosini
iNkosi u Jama wabe eyiNkosi yesizwe saMazulu futhi eyiNkosana yezindlu zonke zaseNdlunkulu zeNkosi uNdaba
KwaNobamba
iNkosi uJama okhalweni lwayo kuphume iNkosi uMenzi ,Senzangakhona Zulu eyabusa isizwe saMazulu njengeNkosi neNkosana yezindlu zonke zeNkosi uNdaba eGazini obekuyiyo iNdlunkulu uSuthu lungakabibikho.
iNkosi uJama okhalweni lwayo kuphuma uMntwana Omkhulu Sojiyisa nokuyilapho manje sithi bangabeNdlu yakwamandlakazi okuyi Khohlwa kubusa laseNdlunkulu manje eseliholwa nguMntwana oMkhulu Bhekuntinta kwaNongoma lendlu yakwaMandlakazi ibalulekile kakhulu ngoba iyona ebingaMabeka Nkosi aseNdlunkulu noma ebukhosini bakwaZulu.
inkosana yaseKhohlwa uSojiyisa yena wahlala emzini kayiseMkhulu uNdaba eMqekwini owawakhiwe endaweni yaseSihlungu, kuhambe isikhathi Umtwana uSojiyisa waphuma owakhe umuzi wathi kukwaMandlakazi.
Ekukhothameni kweNkosi uJama kwabamba umtwana uMudli wasendlini yaseGazini eside isikhathi lesi ngoba iNkosi uSenzangakhona ngaleso sikhathi wabe esemncane kakhulu ukuba engathatha isiHlangu sikayise iNkosi uJama kaNdaba.
iNkosi uJama okhalweni lwayo kuphuma iNkosazana yesizwe neNdlunkulu uMntwana Mkabayi owabe eliwele no Mama bangabendlu njalo yaseGazini okulapho bekubusela khona uyise iNkosi uJama kaNdaba
iNkosi uJama wabe engeyona iNkosana yeNkosi uNdaba kepha iNkosana yeNkosi uNdaba kwabe kungu Mnomo owazala iNkosana yakhe wayetha ngelithi nguZivalele owabe engumfowabo weNkosi uSenzangakhona
iNkosi uJama izalwa endlini yaseGazini eXhibeni laseMqekwini okulapho ezalelwe khona endlini yesithathu ezindlini zeNkosi uNdaba eGazini wayengeyona iNkosana kaNdaba kodwa ubukhosi wabuthatha ngoba esendli ni yesithathu okuyiQadi esekelana neNdlunkulu eMqekwini
uMnomo nguyena owabe eyiNkosana futhi nguyena okwakumele athathe ubuKhosi besizwe saMazulu kepha uMnomo ubukhosi wabedlulisela kuMfowabo iNkosi uJama ngoba kusatshelwa kuthi engabulawa KwaZulu niyazike iKlwa labe lidla umunyu KwaZulu ngaleyomnyaka kungalezo zizathu uMntwana uMnomo kaNdaba wabe eseqamba iNdodana yakhe eyabe iyiNkosana yoMuzi wonke waseGazini uZivalele leligama waletha indodana yakhe uMntwana uZivalele ngoba ethi uzivalele yena esihlalweni sobukhosi bakwaZulu . iNkosi uJama yabe izele kakhulu abaNtwana bayo babebaningi kakhulu abaningi kasizwa lutho ngabo
Nazi ezinye izingane zeNkosi uJama noma zingaphele
- Mntwana Sojiyisa >Mntwana Maphitha >iNkosi Mntwana uZibhebhu>iNkosi Mntwana Bhokwe>iNkosi Mntwana Phumanyova>iNkosi uMntwana Bhekintinta Zulu.
- Mntwana Senzangakhona
- Mntwana Mkabayi
- Mntwana Mmama
- Mntwana Phalo
- Mntwana Mawa
- Mntwana Nobhongoza
- Mntwana Nonkokhela>Ndumundumu >Mathunywavume>Ginyaginya>Nduku
- Mntwana Fokofiya>Mntw Mbandazi>Mntw Ndabakayise>Mntw Bonokwakhe>Mntw Mcebisi.
- Mntwana keke
- Mntwana Magunuza
- Mntwana Vukulwane
- Mntwana Nomaphikela
- Mntwana Sizile
- Mntwana Nomahawu
- Mntwana Mfolozi > Mbangambi> Nomafincolo> Majaazan> Gwejobomv> Mduduzi
iNkosi uJama okhalweni lwayo kuphuma uMntwana Omkhulu Sojiyisa nokuyilapho manje sithi bangabeNdlu yakwamandlakazi okuyi Khohlwa laseNdlunkulu manje eseliholwa nguMntwana oMkhulu Bhekuntinta kwaNongoma.
iNkosi uJama okhalweni lwayo kuphuma iNkosazana yesizwe neNdlunkulu uMntwana Mkabayi owabe eliwele no Mama bangabendlu njalo yaseGazini okulapho bekubusela khona uyise iNkosi uJama kaNdaba namuhla iziNdlu zaseNdlunkulu zintathu kuphela bese ziba namaxhiba azo lapho isibonelo nje
uSuthu [ uKhetha,Khangela , Ntembeni , Habeni. Njl] uMaNdlakazi {Bhanganoma} eGazini [ eMathongeni, kwaNodunga , eMqekwini, kwaNobamba , njl ]
• uSuthu [iNdlunkulu ] • uMandlakazi [ iKhohlwa kubusa ] • EGazini [ iQadi lesekelana neNdlunkulu]
iNkosi uJama wabe engeyona iNkosana yeNkosi uNdaba kepha iNkosana yeNkosi uNdaba kwabe kungu Mnomo owazala iNkosana yakhe wayetha ngelithi nguZivalele owabe engumfowabo weNkosi uSenzangakhona ozalwa yiNkosi uJama owabe enguMfowabo ka Mnomo oyiNkosana kaNdaba owaba nguMntwana Omkhulu eNdlunkulu
iNkosi uJama izalwa endlini yaseGazini eXhibeni laseMqekwini okulapho ezalelwe khona endlini yesithathu ezindlini zeNkosi uNdaba eGazini wayengeyona iNkosana kaNdaba kodwa ubukhosi wabuthatha ngoba esendli ni yesithathu okuyiQadi esekelana neNdlunkulu eMqekwini
uMnomo nguyena owabe eyiNkosana futhi nguyena okwakumele athathe ubuKhosi besizwe saMazulu kepha uMnomo ubukhosi wabedlulisela kuMfowabo iNkosi uJama ngoba kusatshelwa kuthi engabulawa KwaZulu niyazike iKlwa labe lidla umunyu KwaZulu ngaleyomnyaka kungalezo zizathu uMntwana uMnomo kaNdaba wabe eseqamba iNdodana yakhe eyabe iyiNkosana yoMuzi wonke waseGazini uZivalele leligama waletha indodana yakhe uMntwana uZivalele ngoba ethi uzivalele yena esihlalweni sobukhosi bakwaZulu . iNkosi uJama yabe izele kakhulu abaNtwana bayo babebaningi kakhulu abaningi kasizwa utho ngabo
Nazi ezinye izingane zeNkosi uJama noma zingaphele nje lapha
- Mntwana Sojiyisa.> Mntwana Maphitha >iNkosi Mntwana uZibhebhu>iNkosi Mntwana Bhokwe>iNkosi Mntwana Phumanyova>iNkosi uMntwana Bhekintinta Zulu.
- iNkosi u Senzangakhona
- Mntwana Mkabayi
- Mntwana Mmama
- Mntwana Phalo
- Mntwana Mawa
- Mntwana Nobhongoza
- Mntwana Nonkokhela>Mntw Ndumundumu> mntw Fokofiya > Mntw manyondo> mntw Ntuzwa.
Mntwana Nokhokhela ka Jama Zulu
UMntwana Nokhokhela Zulu wabe ezele kakhulu kepha inzalo yakhe yadukelana kakhulu ngezikhathi uZulu ehlukene Phakathi amadlagusha elwa nezingane zeNkosi
Ibutho likaNokhekhela kwabe kuyi Ndlavini ezingane zonke zoMntwana Nokhekha kugqama kahle uMntwana Ndumundumu okunguye esizwa ngaye neqhaza lakhe eNdlunkulu
- Ndumundumu
- Ntuzwa
- Manyondo
- fokofiya
uNokhekhela kwathi ngemihla yeNkosi uShaka kaSenzangakhona wathunywa kuba ahambe noMntwana uMfolozi baye eNkandla beyobheka izwe leSilo khona nokuyilapho atholela khona uMntwana uNdumundu nabafowabo ababili uMntwana Ntuzwa noManyondo ngo wezi 1838 okuhambe isikhathi uMntwana Nokhokhela wahamba nempi wangabuya nokwavela kuthi walibangisa ngaphesheya koThukela nokuyilapho azla khona uMntwana Fokofiya uma ubheke eMgungundlomvu
kuthe ngiskhathi uNokhokhela esedlule eMhlabeni abaNtwana bakhe basala dengwane babesabancane kakhulu behlala kwaNodwengu eMzini weNkosi nokwathi ekuhlaleni kwabo lapho bengasanabo abazli kuthiwa babehlukumezeka kakhulu esigodlweni seNkosi kwaGqikazi babe sebe suswa eMzini weNkosi kwathiwa kumele bayohlaliswa ekhaya koNina lapho babe zalwa khona kwaZungu lapho kwabe kuzalwa khona uMntwana ndumundumu kwaMboNtshana {Zungu } kwaNtshana
nokwathi uNdumundumu uma ezala uMntwana wamuqamba ngokuthi iMitimiti lakwaMbotshana , Mathunywavume
wanika uMntwa auMathunywavume ngoba yena siqu sakhe umntwana Ndumundumu wathunywa yiNkosi uMpande kuba abe yiNduna yezinduna zeNkosi ebuthweni uDloko wavuma
IButho loDloko labuthwa yiNgonyama u-Mpande ka Sanzangakhona ngowe 1858, izinsizwa zeButho u-Dloko iningi lazo lalizalwe ngonyaka ka 1838, nango 1839 . UDloko uhlobo lwenyoka olunolaka kakhulu oluthi uma seluthukuthelisiwe luvimbe abantu bengabe besadlula lapho lusuke lunkanise khona, loluhlobo lwenyoka lwaziwa kakhulu ngokuthi yi-Ndlondlo , lusemndeneni weziMamba. Lubuye lubizwe ngeMamba endala.Yiyona kanye le Ndlondlo okubongwa ngayo iSilo u-Mdlokombane uma kuthiwa 'INdlondlo enophaphe ekhanda kaMenzi' . UMenzi kushiwo iNkosi uSenzangakhona ka Jama. INdlondlo idume ngolaka, uma isithe yathukuthela iyema qingqo ngomsila njengayo iMamba, iyakwazi futhi nokugijima ngawo umsila. IButho u-Dloko -ke laqanjwa ngayo le nyoka enolaka oluyisimanga.
Izinsizwa zeButho u-Dloko zephuza ukukhehlwa oNgiyane ngoba zize zavunyelwa ukuganwa ngowe 1877 zigunyazwa iSilo u-Cetshwayo . U-Dloko lwalwa kakhulu eSandlwana. Amabhungu eButho loDloko ayebizwa ngokuthi iziNyathi, kwakuthi uma esefakwe eButhweni elikhulu abe eseshintswa igama abizwe ngoDloko. INduna enkulu yeButho loDloko kwakunguMntwana Ndungundungu ka Nokhokhela Zulu, ezinye iziNduna ezalekela uMntwana kwakungo- Bantubensumo ka Klwana Buthelezi, Fokothi ka Maphitha Zulu, Fokothi ka Mgulugulu Magwaza , Makhubalo ka Nhliziyo Mbatha, Fokothi ka Dlegebheni Sibiya , Mbune ka Somaphunga Ndwandwe, Zibhebhu ka Maphitha Zulu, Fokothi ka Siwangu Mthethwa, Hhoye ka Mqundane Zulu , Sidubele ka Makhedama Ntombela, kanye nabanye. UMntwana u-Zibhebhu Zulu wayekhushulwe esuswa eButhweni lakhe uMxhapho nokuyiButho ayeqale wabuthelwa kulo ngaphambi kokukhushulwa alethwe ku-Dloko. INduna eyakhushulwa isuswa eZiNyathini ngu-Baleni ka Silwane Mpungose , naye wagcina esengeye yeziNduna zoDloko. IziNyathi zazihlala eSigodlweni kwaGqikazi ,zonke zazingoNtanga bakaBaleni Mpungose, zagcina zikhushuliwe zonke zaba uDloko, u-Baleni yena wafika waba ngenye yeziNduna zeButho loDloko. IButho loDloko laphaya kwaGqikazi laliqaphe uNdlunkulu u-Ngqumbazi ka Mondi ka Tshana ozala aBaNtwana oCetshwayo noNdabuko. INduna eNkulu yakwaGqikazi kwakungu- Madwala ka Soshingose. Izinsizwa ezizalwa u-Dloko iningi lazo zabuthelwa amaButhweni oCijimpi noVukayibambe.
Izinsizwa zeButho u-Dloko zephuza ukukhehlwa oNgiyane ngoba zize zavunyelwa ukuganwa ngowe 1877 zigunyazwa iSilo u-Cetshwayo . U-Dloko lwalwa kakhulu eSandlwana. Amabhungu eButho loDloko ayebizwa ngokuthi iziNyathi, kwakuthi uma esefakwe eButhweni elikhulu abe eseshintswa igama abizwe ngoDloko. INduna enkulu yeButho loDloko kwakunguMntwana Ndumundumu ka Nokhokhela Zulu, ezinye iziNduna ezalekelala uMntwana kwakungo- Bantubensumo ka Klwana Buthelezi, Fokothi ka Maphitha Zulu, Fokothi ka Mgulugulu Magwaza , Makhubalo ka Nhliziyo Mbatha, Fokothi ka Dlegebheni Sibiya , Mbune ka Somaphunga Ndwandwe, Zibhebhu ka Maphitha Zulu, Fokothi ka Siwangu Mthethwa, Hhoye ka Mqundane Zulu , Sidubele ka Makhedama Ntombela, kanye nabanye. UMntwana u-Zibhebhu Zulu wayekhushulwe esuswa eButhweni lakhe uMxhapho nokuyiButho ayeqale wabuthelwa kulo ngaphambi kokukhushulwa alethwe ku-Dloko. INduna eyakhushulwa isuswa eZiNyathini ngu-Baleni ka Silwane Mpungose , naye wagcina esengeye wabe eyindodana yoMntwana noNkokhelo ubuthwe yiNkosi uMpande kwaNodwengu uNdumundumu nguyena owabe ehola iButho uDloko eyiNduna yalo ngokubekwa iNkosi uMpande esuka ebuthweni uvukayibambe wayekanye nabaNtwana oShingana no Dabulamanzi nguyena uMntwana uNdumundumu ohola lelo butho njengeNduna elisusa kwaNodwengu liya kwaGqikazi kuMahole Khoza ngesikhathi seNkosi uCetshwayo uMntwana uNdumundumu wakhanda uMuzi wakhe laphaya kwaNongoma ebuhleni Ehlanzeni wawubiza ngokuthi kukwa Mntompofu uMntwana uNdumundumu wayezwana noMfowabo uZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa wendlu yakwaMandlakazi babezwana ngoba phela uMntwana uNdumundumu wabe engubaba kuZibhebhu ngoba uyise wakhe unoNkokhela kaJama wayelamana noMntwana wakwaMandlakazi uSojiyisa ngaleyondlela uMaphitha wayenguMnewabo ka Ndumundumu ozala u >Mntw Mathunywavume yena azale u>Mntw Isaac Pepsi Ginyaginya yena ozala u>MntwBlessing Nduku Senzangakhona Zulu >MntwMondli Philani Cetshwayo Zulu >MntwNtombikayise Snikiwe Zulu. umuzi woMntwana uNdumundumu ulaphaya kwaNongoma igama lawo ku{kwamntompofu} omunye umuzi woMntwana awakhelwa yindodana yakhe uMntwana uMathunywavume ku {kwaBalekaneNkukhu} lomuzi ulaphaya kwanonmgoma kwabambelentulo esizweni somntwana uSojiyisa kwamandlakazi.
- Fokofiya>Mntw Mbandazi>Mntw Ndabakayise>Mntw Bonokwakhe>Mntw Mcebisi uMuzi womntwana Nokhokhela awakhelwa uMntwana uFokofiya {kusenkathazweni} uma uya ngapha eMgunguNdlovu eMkhambathini
- Mntwana keke
- Mntwana Magunuza
- Mntwana Vukulwane
- Mntwana Nomaphikela
- Mntwana Sizile
- Mntwana Nomahawu
- Mntwana Mfolozi Mbangambi> Nomafincolo> Majaazan> Gwejobomv> Mduduzi
Siyathokoza Ozithobayo Mntwana Senzangakhona ndukenhle Zulu Obhalile: 0672227088 email: ndukehlezulu@gmail.com
Start a discussion with Mntwana Ndukenhle 'Senzangakhona' Zulu
Talk pages are where people discuss how to make content on Wikipedia the best that it can be. Start a new discussion to connect and collaborate with Mntwana Ndukenhle 'Senzangakhona' Zulu. What you say here will be public for others to see.