Jump to content

Usiko LwamaZulu

Mayelana Wikipedia
Zulu

Ngaphambi kombuso wakwaZulu, AmaZulu kuqala aye ngumndeni omkhulu owodwa. Izimpande zombuso wakwazulu waqala kumphakathi wamaNguni, emaphakathini e - Afrika eduze naso Ogwini olusempumalanga. Umbuso wamaZulu wasungulwa ubaba Malandela ngonyaka ka 1709.[1] Yize amaZulu ephila ngaphansi kaHulumeni wentando eningi kodwa anawo amakhosi abo . Inkosi esabusa kulesikhathi inkosi uMisuZulu umntwana kaSenzangakhona ongasekho. Amakhosi aqikelela ukuthi usiko lwamaZulu alufi nokuthi izizukulwana nezi zukulwana ziyazi ngosuko lazo lwamaZulu , Inkosi YakwaZulu iqikele ukuba yeganelwe amakhosikazi amaningi ukuze isibongo sobukhosi sikhule futhi kube khona nenkosi ezogcotshwatshwa uma inkosi ikhothama.[2] Abantu abamaZulu bakhuluma ulimi olwesiZulu oluyingxenye yezilimi eziyishumi nanye ezikhona eNingizimu Afrika. INingizimu Afrika iqukethe abantu abayizigi eziyishumi nanye zabantu abangamaZulu. Iningi lwamaZulu liqamuka futhi sihlala esifundazweni sakwaZulu-Natali. Ulimi lwamaZulu lusabalele ezingxenyeni ezahlukahlukene zanazwe okubalwa khona iLesotho ,iMalawi , iBotswana kanye ne Swazini.

Umlando WamaZulu

[hlela | Hlela umthombo]
Umemulo

AmaZulu adume ngemiciko yabo eyahlukahlukene yesiko. Isibonelo ,Usiko lwamaZulu lubuye lubungaze ukukhuliswa kwentombi. Loluhlobo lomncimbi lwenziwa umndeni uma ufuna kubungaza indodakazi yabo uma iziphathe kwaze kwafika izinga elithile leminyaka ,noma uma indodakazi isingena esigabeni sokukhula.[3][4] Esikhathini esiningi lomncimbi wenzelwa uma intombazane isayintombi nto kodwa kweminye imindeni indodakazi yakhona eyenzelwa lomncimbi . Kulomcimbi kuqalwa ngokuthathwa umkhonto komalume emese izimpelesi zigoqa nalo oyobe enzelwa umemulo ,kuyenzeka ukuthi kugoqwe iviki lonke ukuze kufike usuku lomncimbi. Ngosuku lomncimbi intombazane kuqalwe ifakwe umhlwehlwe emese ishiselwa impepho ukuze umncimbi wayo uzo hamba kahle noma ishiselwa ukuyibonga emadlozini ukuziphatha kahle kwayo emese bayicelela okuhle.[5]

Inkolo Ne Sintu SamaZulu

[hlela | Hlela umthombo]

Yize AmaZulu anayo inkolelo yobukrestu la bethandaza khona unkulunkulu baphinde baya esontweni kodwa babuye bakholelwe kakhulu emadlozini, la kwesinye isikhathi benza imicimbi ecelwe okhokho, isibonelo, umsebenzi wenkomo , kulo mcimbi kudlinzwa isilwane imvamisa kuloluhlono kusuke kwiyinkomo. Lemncimbi yedlozi yenziwa uma kufunwa ukujabulisa amadlozi noma uma AmaZulu efuna ukushweleza edlozini noma befuna ukubonga idlozi ngenhlanhla enhle .

Traditional herbs

Esikhathini samanje kusakhona AmaZulu asakholwelwa ekuphileni impilo yabo ngendlela yesintu, labasakholelwa ekutheni ukusetshenziswa komlingo omnyama ukuze bazelaphe uma begula noma bedlaselwa izifo . Basebenzisa imithi egayiwe , iphinde iphekwe mese iyomiswa kaphambili kokuthi ibe imithi. AmaZulu akholelwa kakhulu ekuxhumaneni namadlozi wabo lokhu bakwenza ngokushisa impepho emsamu nomabavakashele isangoma esizobahlolela ukuze bakwazi ukukhuluma namadloziwawo.[6]

Imithombo YoLwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://southafrica.co.za/nr/amazulu.html
  2. https://umlalazi.gov.za/index.php/summary-of-the-8-zulu
  3. https://witsvuvuzela.com/2019/04/18/slice-of-life-umemulo-coming-of-age-in-modern-times/
  4. https://witsvuvuzela.com/2019/04/18/slice-of-life-umemulo-coming-of-age-in-modern-times/
  5. https://witsvuvuzela.com/2019/04/18/slice-of-life-umemulo-coming-of-age-in-modern-times/
  6. https://www.southafrica.net/gl/en/travel/article/african-ancestors-and-amadlozi