Usikwana lwesiNgqumo

IsiNgqumo usikwana olwasungulwa ngabesilisa abathandana nabobulili obufanayo ababesebenza ezimayini ngeminyaka elinganiselwa kowe-1950.[1] Lolu sikwana lungaphansi kosiko lwesiZulu. Ukuthandana kwabobulili obufanayo kwakuyinto ejwayelekile ezimayini kepha kwakungavumelekile emiphakathini yakwaZulu,[2] yingakho abasebenzi basungula lolu sıkwana ukuze bezoqhubeka bezizwe beyingxenye yosiko lwesiZulu futhi bengalahlekelwa ububona kanye nemvelaphi yabo. Ngaleyo ndlela, isiNgqumo sihlanganisa isintu sesiZulu kanye nempilo yesimanjemanje yabesilisa abathandana nabobulili obufanayo.[3]
Usikwana lwesiNgqumo lunolwimi lwalo, olucishe lufane nolwimi lwesiZulu.[4] Lolu lwimi lwasungulwa ukuze abathandana nabobulili obufanayo bezokwazi ukukhuluma ngokukhululeka ngaphandle kokuxwaywa ngamalungu omphakathi.
Umsuka wesiNgqumo
[hlela | Hlela umthombo]Abezemfundo bake baqhuba uphenyo ukuzama ukuthola abazi ngomsuka wesiNgqumo. Bathola ukuthi lolu sıkwana ludabuka e-Esinyameni okuyindawo eyaziwa ngeCano Manor.[5] Bathola nowesifazane oneminyaka engama-75 ohlala eThekwini, wachaza ukuthi eminyakeni elinganiselwa kowe-1950 kwakukhona abaselisa ababebonakala behlukile kunabanye futhi bengamukelekile emphakathini.[1] Laba besilisa babe bizwa ngamaskesana, okuyigama elichaza abesilisa abathobela abesilisa abathandana nabo.
Imithombo yolwazi
[hlela | Hlela umthombo]- 1 2 https://njas.fi/njas/article/view/185
- ↑ https://www.jstor.org/stable/4066801
- ↑ https://transformationjournal.org.za/wp-content/uploads/2017/04/T74_Part7.pdf
- ↑ https://libstore.ugent.be/fulltxt/RUG01/002/835/538/RUG01-002835538_2020_0001_AC.pdf
- ↑ https://www.researchgate.net/publication/233294559_IsiNgqumo_-_Introducing_a_gay_Black_South_African_linguistic_variety