Jump to content

Usuku Lwentsha

Mayelana Wikipedia

2015_05_15_Youth_Day-8_(17685336492)

Usuku Lwentsha noma Usuku labantu abasha luwusuku lomvalo eliyisikhumbuzo lokudumisa abantu abasha, elibungazwa ezindaweni ezihlukahlukene zomhlaba ngezinsuku ezihlukene zonyaka.

Ukugujwa kosuku labantu abasha emazweni amaningi kuhambisana noSuku Lwentsha Lomhlaba Wonke mhla zili-12 ku-August, osekuqashelwe ngokusemthethweni yiNhlangano Yezizwe Ezihlangene kusukela ngonyaka we-1999. Kukhona nosuku Lwentsha Lomhlaba, oluwumcimbi ohlelwa yiSonto LamaKatolika owenzeka ngeSonto ngaphambi kwe-Advent, futhi waqalwa nguPapa John Paul II ngo-1985.

eNingizimu Afrika

[hlela | Hlela umthombo]

Usuku lweNtsha eNingizimu Afrika luwusuku lomvalo, futhi lubungazwa mhla zili-16 kuJuni ukukhumbula amagalelo abantu abasha ekulweleni inkululeko ikakhulu imibhikisho eyagqabuka ngowe-1976 lapho kuqala izibhelu zaseSoweto.[1] Lezi zibhelu nemibhikisho eyalandela zasuswa ukushaywa koMthetho wezeMfundo waBantu (Bantu Education Act, 1953) kanye nesinqumo sikaHulumeni esakhishwa ngowe-1974 esasithi uLimi lwesiBhulu luzosetshenziswa njengolumi lokufundisa ezifundo ezithile ezikoleni zabansundu. Isithombe esaziwayo esathwetshulwa nguMakhubo sikaMbuyisa othwele umfana uHector Pieterson , owayengumfundi obhikishayo owadutshulwa onongqayi, saphenduka uphawu oluyisikhunbuzo somthelela wokulwa nobandlululo eNingizimu Afrika. Futhi sisasatshenziswa njalo lapho kugujwa usuku lwentsha kuleli zwe. Lolu suku lubungazwa njengomvalo ezweni lonke, okusho ukuthi akusetshenzwa, izikole, amabhange, imikhando, neminye iminyango kaHulumeni, konke kuyavalwa ukuze kubangazwe intsha yaseNingizimu Afrika.

  1. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named sa