Uthando

Uthando
Ngokosiko lwamaZulu, uthando luyinto ebalulekile kakhulu futhi lusentshenziswa ukuchaza imizwa ejulile yokuqonda, ukunakekela, okuzwa kahle ngomunye umuntu.Uthando luhlukene kaningi.[1]Sithola ukuthi kukhona uthando phakathi kwabazali nezingane, uthando phakathi kwabantu abanobudlelwano libizwa ngothando lwababili, uthando phakathi komdeni kanye no dade nabafowethu.[2]
Uthando luyinto ebalulekile kakhulu empilweni, ngoba luyasiza ukwakha ubudlelwane, ukukhuthaza nokuzwa kahle. Uma unothando uzizwa kahle uthandeke ebantwini futhi uyakwazi ukwenza izinto ezinhle kubantu abaseduze nawe, okunye esikutholayo ukuthi uthando luyinto ejulile kanti lunezincazelo ezahlukene kuye ngokuthi lubhekwe kanjani( ngokwezenzo, ngokwenkolo, ngokomzwelo). Ngokusekela ulwazi olutholakala kuBhayibheli nasemithonjeni ehlukahlukene.[3]
Uthando lweqiniso luyisenzo, hhayi nje imizwa. Uthando ngokwezenzo uthando olubonakala ngokuzidela, ukunakekela, nokusekela abanye (njengokuthanda umakhelwane njengoba uzithanda wena). Uthando lwemvelo lukhona nothando olungokwemvelo olusondelana phakathi kwamalunga omndeni.[4]
Izinkomba
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Warren, Jared (2024-02-20). "The Importance of Love on Well-Being". My Best Self 101 (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
- ↑ "What is Love? - Central Church Cambridge" (in i-English). 2019-12-27. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
- ↑ Team, ReachLink Editorial (2025-11-28). "The Science of True Love: Understanding Genuine Connection". ReachLink (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
- ↑ "What Is Real Love? | BetterHelp". www.betterhelp.com (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.