Uxamu

UXamu uyisilwane esihuquzelayo esifana nesibankwa esikhulu. Unomzimba omude, umsila omude, okunye nemilenze eqinile. Uxamu uthanda ukuhlala ezindaweni ezomile nezishisayo, futhi uyakwazi ukugijima ngokushesha uma ezwa ingozi.[1]
Uxamu udla kakhulu izinambuzane, izibankwa ezincane, amaqanda nezinye izilwane ezincane. Usebenzisa ulimi namazinyo ukubamba nokudabula ukudla. Uma edla uxamu usondela kancane esilwaneni asifunayo bese asibambe ngokushesha.[2]
Uxamu uzalana ngokubekela amaqanda. Insikazi ibeka amaqanda endaweni efudumele, bese kuthi emva kwesikhathi amachwane bese eyaphuma kulawo maqanda. Uxamu utholakala emazweni amaningi ase-Afrika, ikakhulukazi ezindaweni ezishisayo nezomile, kanti izinhlobo ezahlukene zoxamu zitholakala nasezingxenyeni zase-Asia.[3]
- ↑ "Monitor lizards | Kloof Conservancy The Leopard's Echo" (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-08.
- ↑ "Monitor Lizards: Habitat, Diet, Size, and Species Guide". rodentpro.com. Kulandwe ngomhlaka 2026-08-08.
- ↑ Sprackland, Robert G. (2011-12-01). "Breeding Savannah Monitors". Reptiles Magazine (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-08.