Uzuba olucikazayo
Appearance

Uzuba olucikazayo (AC) liwuzuba oluzigusha isiqondo ngezikhathi ezithile futhi lushintshe ubukhulu balo ngokuqhubekayo ngesikhathi, ngokuphambene nozuba oluqondayo (DC), olugelezela ohlangothini olulodwa kuphela. Uzuba olucikazayo liwuhlobo lwesidlakalasi samazuba esifufuthelwa ezakhiweni zemihwebo nezabahlali, liwuhlobo lwesidlakalasi samazuba esisetshenziswa abathengi lapho beqhaza izilekeleli zasendlini, omabonakude, iziphephezelisi kanye nezibane zamazuba esiqhazelweni esisodongeni.Izifushaniso ezithi-AC no-DC zivame ukusetshenziselwa ukusho nje olucikazayo (AC) kanye noluqondile (DC), ngokulandelana, njengasekuguquleni uzuba noma isivuve.