Women in Global South Alliance (WiGSA)
Women in Global South Alliance (WiGSA) iyinhlangano yokubambisana eqinisa amandla abesifazane emhlabeni jikelele ngokuphakamisa ukuthi imali yesikhuthazo sezemvelo ifinyelele ngqo kubesifazane base-Indigenous, abavela kumaqembu ama-Afro-descendant, kanye nabesifazane bezindawo zomphakathi ezisemaphandleni, ikakhulukazi e-Afrika, e-Asia nase-Latin America.[1]
Umlando walewenhlangano
[hlela | Hlela umthombo]I-WiGSA yasungulwa ngo-November 11, 2022 ngesikhathi se-CoP27 e-Sharm El-Sheikh, e-Egypt, lapho izinhlangano zabesifazane ezingama-41 ezivela e-Asia, e-Afrika, nase-Latin America zethula inethiwekhi yokuphakamisa amalungelo abesifazane emhlabeni jikelele[2].Inhloso yenhlangano ukuqinisa ukufinyelela kwezimali ezihlobene nemvelo kubesifazane base-Indigenous, abavela kumaqembu ama-Afro-descendant, kanye nabesifazane bezindawo zomphakathi ezisemaphandleni.
Umsebenzi wayo
[hlela | Hlela umthombo]I-WiGSA igxile ekutholeni uxhaso lwezimali lwezinhlelo ezihambisana namalungelo, ubulungiswa bezenhlalo, kanye nokuphathwa kwemithombo yemvelo. Isebenza ngokuxhasa izinhlelo ezenza umehluko emphakathini, ikakhulukazi emiphakathini engaphansi kwezinhlelo ezisemthethweni.[3]
Ukubaluleka kwayo
[hlela | Hlela umthombo]I-WiGSA ibalulekile ngoba igxile ekuthuthukiseni amandla abesifazane, ikakhulukazi labo abahlala ezindaweni ezisemaphandleni nasezindaweni ezibhekene nokuhlukumezeka kwemvelo. Inhlangano iqinisekisa ukuthi abesifazane abavela kumaqembu abahlukahlukene banikwa ithuba lokuzwakalisa izidingo zabo emhlabeni jikelele.[4]
Umthombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ https://rightsandresources.org/women-in-global-south-alliance/
- ↑ https://rightsandresources.org/keywords/women-in-global-south-alliance-wigsa/
- ↑ https://www.londonclimateactionweek.org/event/womens-leadership-in-climate-and-conservation-action-needs-greater-financial-support-voices-from-the-women-in-global-south-alliance-wigsa/
- ↑ https://rightsandresources.org/women-in-global-south-alliance/