Dumisani Sibiya

Mayelana Wikipedia
Dumisani Sibiya
[[File:
Dumisani Sibiya
|frameless|alt=]]
Ubezalwa 1976
EMhlangeni, eNquthu, KwaZulu-Natali, Ningizimu Afrika
Nationality UmNingizimu Afrika
Field umbhali
Training Nyuvesi yaseWitswatersrand
Awards Umklomelo wakwaSanlam woMbhalo wentsha wezi-2002


Dumisani Sibiya (1976) umbhali osezuze izindondo eziningi zokubhala izincwadi, zinkondlo kanye nezindaba ngolimi lwesiZulu. Udume kakhulu ngencwadi (inoveli) yokuqala ngqa ayishicela esihloko esithi Kungasa Ngifile ngonyaka wezi-2002. Ngale ncwadi wazuza indodo yesiliva emincintiswaneni owaziwa ngokuthi, Umklomelo wakwaSanlam woMbhalo wentsha (Sanlam Prize for Youth Literature). USotobe uphinde afundise eNyuvesi yaseGoli (Univeristy of Johannesburg) lapho egxile khona ezifundweni zemibhalo kanye nezilimi [1][2].

Impilo yokuqala nemfundo[hlela | Hlela umthombo]

USibiya wazalelwa endaweni yaseNquthu, eNyakatho nekwaZulu-Natali esigodini saseMhlangeni. Imfundo yakhe yamabanga aphakeme wayithola eCelumusa High School okuyisikole esisesigodini saseHaladu khona eNquthu. Waqeda umathiliki (ibanga le-12) ngonyaka wezi-1994 khona eCelumusa High School lapho ayeyisihlabani ezifundweni zeZibalo kanye nezeziLimi [3]. Emva kokuphothula amabanga aphakeme ngonyaka wezi-1998 walibangisa kwaNdongaziyaduma laphao enza khona iziqu zika-BA neNyuvesi yaseWitswatersrand. Izifundo ayegxile kuzo kuleNyuvesi kwabe kuyisiZulu, ezemiBhalo yase-Afrika (African Literature), ezeMidlalo namaFilimu (Drama and Film). USotobe wabuye waqhubeka nezifundo ze-BA Honors ngonyaka wezi 1999 esegxile eziLimini zaboMdabu nasemiBhalweni yase-Afrika kuphela. Izifundo ze-BA Honors wayezenza mbaxa-mbili ne-MA eziFundweni zokuShiclila kusukela ngowezi-2000 kuya kowezi-2001 zombili lezi ziqu wazithola ngamalengiso [4].

Imisebenzi[hlela | Hlela umthombo]

Emva kokuphuthula izifundo zakhe ze-MasterseNyuvesi yaseWitswatersrand uSibiya wahlabana nesikhundla sokufundisa imiBhalo yaseAfrika, isiZulu, kanye neziFundo zeMidiya eSikoleni sezeMibhalo kanye neziFundo zeziLimi, lesi sikhundla wasibamba kusukela ngonyaka wezi-2001 kuya kowezi-2004. Emva kokufundisa iminyaka emine ilandelana wajoyina inkampani yabashicileli i-Macimillan South Africa lapho ayesebenza njengomsizi kamshicileli wasebenza izinyanga eziyisithupha [4]. Ngonyaka wezi-2005 wasebenza enkampanini ebizwa ngokuthi i-Graphicor Communications lapho ayesebenza khona njengosozilimli. Wasebenza iminyaka emibili nonhafu ngaphambi kokuthi abuyele embonini yezokushililela ngonyaka wezi-2007 [2] .

NgoHlangulana wezi-2007 eSotobe wasebenza njenomshicileli wezilimi zase-Afrika kwaClever Books (eyabe ingaphansi kwakaMacmillan South Afrika). Kulesi sikhundla wayeqasha ababhali, ebaqeqesha aphinde abashicilele. Wabuyela emkhakheni wezemfundo ngonyaka wezi-2012 lapho ajoyina khona iNyuvesi yaseGoli okulapho esezinze khona efundisa izifundo zemiBhalo kanye neziLimi [2].

Izincwadi[hlela | Hlela umthombo]

  • Kungasa Ngifile (2002), Cape Town: Tafelberg
  • Ngidedele Ngife (2006), Cape Town: Tafelberg
  • Ngiyolibala Ngifile (2010), Cape Town: Tafelberg
  • Amazolo Ayizolo (2012), Cape Town: Via Afrika

Izindaba ezimfishane[hlela | Hlela umthombo]

  • Imikhizo (2004), Johannessburg: Macmillan South Africa
  • Izinzulu zikaZulu (2011), Johannessburg: Macmillan South Africa
  • Isiqongo (2005), SR Mdluli (umhleli) Pretoria: Stimela Publishers
  • Sidla Ingqatho neFutho (2007), Mkhambeni, N (Umhleli), Pretoria: Afritude

Izinkondlo[hlela | Hlela umthombo]

  • Senz' Okwethu (2006), CD Ntuli (umhleli), Pretoria: Stimela Publishers
  • Izinyosi (2007), Rooderport: Vilvia Publishers
  • Zibuyile Emasisweni, CD Ntuli & DBZ Ntuli (abhleli), Cape Town, Oxford University Press

Imidlalo[hlela | Hlela umthombo]

  • Welcome to Johannesburg, Zweli Sibiya & Dumisani Sibiya.

Kumajenali[hlela | Hlela umthombo]

  • Performance to Print and Print to Performance: Plays, Adaptations and Book Reading on South African Radio. Journal of African Cultural Studies, Volume 14, No.2, December 2 2001. pp.137-152

Amaphepha awethula kwizinkomfa[hlela | Hlela umthombo]

  • Performance to Print and Print to Performance: Plays, Adaptations and Book Reading on South African Radio, lethulwa eNyuvsesi yaseRhodes ngowezi-2001
  • Postulating Audience in isiZulu Radio Drama: Narration, Characterisation and Theme in Mlaba's uNdlebekazizwa, Iphephaelafundwa eNyuvesi yase Birmingham, eBukhosini oBuhlangene, ngoMandulo wezi-2002
  • Cry Not; Try A Lot: The Development and Promotion of African-language literatures in South Africa, iphepha elafundwa kwinkomfa e-ALASA, eNyuvesi yaseVenda eNingizimu Afrika ngoNtulikazi wezi-2012

Imklomelo nemifundaze[hlela | Hlela umthombo]

  • DR TW Khambule "Growing Our Timber" Award.
  • Isaac Moephuli Memorial Award.
  • Harold and Doris Tothill Bequest Fund Scholarship.
  • ISMA-Maurice Floir Award.
  • Vilakazi Memorial Award.

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. UKZN Centre for Creative Art. "Dumisani Sibiya". Durban. Kulandwe ngomhlaka 18 Lwezi 2018. Check date values in: |accessdate= (help)[dead link]
  2. 2.0 2.1 2.2 University of Johannesburg. "Dumisani Sibiya". Johannesburg. Kulandwe ngomhlaka 24 April 2018.
  3. Sibiya, EDM (2002). Kungasa Ngifile. Tafelberg. ISBN 0-624-04109-3. Unknown parameter |city= ignored (help)
  4. 4.0 4.1 "Dumisani Sibiya". Cape Town. Kulandwe ngomhlaka 18 Lwezi 2018. |first1= missing |last1= in Authors list (help); Check date values in: |accessdate= (help)[dead link]