Intaba

Mayelana Wikipedia
Intaba

Intaba lingimvelo.

Ngokuya ngosolwazi noma ososayenzi bemvelo bathi izintaba zadalwa yizintabamlilo ezenzeka uma kuqubuka okusatshe noma okusamdoko kuphuma emathunjini omhlaba kuphumele ngaphandle, bese ngemva kokuthi kome kuphenduke inhlabathi namatshe. Ngokwenkolo intaba yadalwa nguNkulunkulu, lapho uMvelinqangi ahlala khona, axhumana khona nomuntu. Kungakho intaba kuyinto eligugu kubantu abamnyama. Intaba ibaluleke kakhulu kubantu ngoba uma uphezu kwentaba uyakwazi ukubona yonke into ephansi, kanti emandulo intaba yayisetshenziselwa ukuqapha izitha ezingase zihlasele isizwe. Yingakho izinhloli zazihlala entabeni ukuqapha noma ukuvikela isizwe. Izintaba kunezintaba ezingamagugu, esizweni samaZulu, njengentaba yaseSandlwana, eMajuba eKhongela,izintaba zoKhahlamba. Ziningi izimpi ezaliwa lapho, angeke uwuqede umlando wamaZulu uma ungakhulumanga ngezintaba. Ngisho nasebhayibhelini ikhona intaba eyayibizwa ngkuthi yintaba yaseSinayi lapho uMose ahlangana khona noNkulunkulu. U-Abrahama naye wahlangana noThixo entabeni, uma uMose wasebhayibhelini wayehlangana noNkulunkulu ngasentabeni. Amasonto amaningi athatha intaba njengendawo engcwele, yingakho amasonto amaningi abekwe ezintabeni ezithize. Zikhona nje izintaba ezingamagugu ezizweni eziningi, isibonelo isizwe samaZulu, sinezintaba ezingamagugu njengezintaba Zokhahlamba, iMajuba nezinye izintaba. Kanti nesizwe samaNdebele naso sinazo izintaba ezingamagugu njengoMadlayi (intaba kayikhonjwa),uWuba noMhlopheni,iMkobola nezinye iintaba ezinomlando wesizwe.

Bheka futhi[hlela | Hlela umthombo]