Stretford Park

Mayelana Wikipedia

Ngaphakathi elokishini lase Orange farm kunepaki ebizwa ngokuthi iStretford Park, etholakala kuMilife Street, Orange Farm, Johannesburg, 1841. Itholakala eduze kwesikole, iSeipone Primary School. I-Stretford Park iyindawo ephephile lapho izingane zingadlala khona ngemva kokuphuma kwesikole, ngezimpelasonto nangesikhathi samaholide esikole. Leli paki linemidlalo eminingi yokushwiba, futhi inezinkundla ezifana ne: nkundla yethenisi, nkundla yebhola lomnqakiswano kanye ne nkundla yebhola.