True Jesus Church

Mayelana Wikipedia

i-True Jesus Church isonto elasungulwa ePheyitshini, eShayina ngowe-1917. Namhlanje, linamalunga ayisi-1,500,000 emazweni angama-45. Isonto liyingxenye yePentecostal-Protestant kaKhrestu, ukuthi laqala iminyaka imikhulu kade. Isonto alivumi ngemkhankanyo wa-Trinity futhi lilandela umkhankanyo waseJesu. Laqala eNingizimu Afrika ngo 1997. Isonto aligubhi uKhisimusi nePhasika ngoba lawo maholide anemdabu lamhedeni. Izinkolo zeSonto eziyishumi ezinkulu ngu:

  1. Umoyo ongcwele: "uk'amukela Umoya ongcwele, ngesitshengiso sokukhuluma ngezindimi, yikho okuyisiqiniseko sokuthi siyizona indla'lifa zobukhosi basezulwini"
  2. umbhabhathizo: "umbhabhathizo wamanzi yiwona olisiko elizilayo lokuhlanzwa kwezono lokufakwa esimeni sobutsha enhliziyweni. Lo mbhabhathizo wenziwa emanzini asendaweni zokudalwa kwawo njengasemfuleni, elwandle lasemithonjeni. Umbhabhathizi oyabe kade wa'amukela umbhabhathizo wamanzi loMoya oyincwele wenza lombhabhathizo ngegama leNkosi yethu uJesu Kristhu. Njalo lo o'amukela umbhabhathizo kufanele agxanyuzwe emanzini okupheleleyo elalise ikhanda ubuso bukhangele phansi."
  3. ukuhlambana izinyawo: I-sacramente lokuhlanza izinyawo livumela omunye nomunye ukuthi abe nesandla kwiNkosi uJesu. Liphinde futhi libe isikhumbuzo esingapheli sokuthi umuntu kufanele abe nothando, nobungwele, noxolo kanye nokukhonza. Wonke umuntu othole umbhabhadiso wamanzi bekufanele ukuthi ahlanze izinyawo zakhe egameni likaJesu Khrestu. Ukuhlanzwa kwezinyawo ngokuvumelana kungenziwa ngesikhathi esifanelekile.
  4. iSidlo seNkosi: Isidlo esiyingcwele siyisakhramente lesikhumbuzo sokufa kweNkosi uJesu Khristo. Ngaso siba mdibu munye nenyama negazi leNKosi yethu futhi ahlale kithi ukuze sibe nokuphila okuphakade nokuba senyuswe ngosuku lokugcina. Lelisakhramente kufanele ligcinwe ngaso sonke isikhathi.
  5. iSabatha: Usuku lweSabatha, usuku lwesikhombisa evikini(uMgqibelo), luwusuke olungcwele, olubusiswe lwangcweliswa uNkulunkulu. Luyagcinwa ngokwentando yeNkosi ukuze sigubhe umkhosi wokudala nosindiso lukaNkulunkulu futhi sihlalele ethembeni lophumulela wafuthi\waphakade empilweni ezayo.
  6. uJesu Khristu: uJesu Khristu, uLizwi osephenduke inyama, wafa esiphambanweni ukuze izoni zithethelelwe, wavuka ngosuku lwesithathu wenyukela ezulwini. Nguye kuphela uMsindisi, uMdali wamazulu nomhlaba, futhi unguNkulunkulu weqiniso.
  7. iBhayibheli: iBhayibheli elingcwele, eliqukethe ithestamente elidala nelisha, ligqugquzelwe uMvelingqangi, yilo kuphela iqiniso elilotshiweyo, fuhi okuyindlela yokuphila yamaKhrestu.
  8. insindiso: Usindiso uluthola ngesihawu sikaNkulunkulu ngokholo. Usindiso silunikwa ngomusa kaNkulunkulu ngokukholwa. Amakholwa kufanele athembele emoyeni oyingcwele ukulandela ubungcwele, ukumhlonipha uNkulunkulu, kanye nokuthanda ubudalwa babo.
  9. iSonto
  10. isigwebo ogcinayo: iNkosi uJesu Khristo izobuya emhlabeni okwesibili ngokwehla ezulwini ngoSuku Lokugcina ukuzokwahlulela bonke abantu; alungile bayokuthola ukuphila okungunaphakade, kuthi abangalungile bayojeziswa ingunaphakade.