UNkulunkulu

Mayelana Wikipedia
unongo (lwenjongo yokukhulekela noma ubuciko) lukaThixo (lkusuka kwesobunxele kuya kwesokhohlo kusuka phezulu) ubukristu, ubusulumane, ukungakholwa kuthixo, injulalwazi yobuMonadi, ubuhindu baseBali, kanye nobuZorowasta.

UNkulunkulu noma uThixo noma uSomandla noma uSimakade noma uMvelinqangi. Ngokwemfundiso ethi uThixomunye, uThixo ubonwa njengophakeme, uMdali, nalowo okufanelwe kukholelwe kuye. UThixo uchazwa njengonaMandlawonke, onoLwazilonke, oNdawozonke, onoBuhlebonke futhi nanjengo nobuphakade nokudingekile ukuba abekhona. Ngokuvamile uThixo uthathwa njengongenamzimba, nonezici eziyamaniswa nemibono yokungaQondakali noma ukuDlelana nabantu.


Ezinye izinkolo zichazisa uThixo ngaphandle kokuphatha ubulili, kuyilapho ezinye zisebenzisa amabizo acacisa ubulili noma akhetha ubulili obuthile. UThixo uthathwa njengomuntu noma njengokungemuntu. Ekukholweni kuThixo, uNkulunkulu ungumdali nomlondolozi womkhathilibe, kuyilapho enkolweni kaThixo ofulathele, uNkulunkulu ungumdali, kodwa akeyena umlondolozi womkhathilibe. Enkolweni kaThixoyikonke, uNkulunkulu ungumkhathilibe ngokwawo, kuyilapho enkolweni kaThixonxanye, uNkulunkulu uyingxenye yomkhathilibe. Ukungakholwa kuThixo kuwukuswela ukholo kuNkulunkulu, kuyilapho ukuNgazi kuyinkolo yokuthi ubukhona bukaNkulunkulu abaziwa noma abunakwaziwa. UThixo uphinde athathwe njengomthombo waso sonke isibopho sesimilo, nangokuthi "uyisikhona esikhulu esingacatshangwa".

Iningi labachazithixo abaziwayo kanye nabosonjulalwazi baqhamuke nezimpikiswano ezimelene kanye nezivuna ubukhona bukaThixo. UThixo kubhekiselwa kuye ngamagama amaningi kuye ngolimi nesikompilo nezithakazo ezisetshenziswa ekubhekisela ezimfanelweni zikaThixo.

Amakhasi amangaphandle[hlela | Hlela umthombo]