Ukufundisa isizulu njengolimi lwesibili lokwengeza

Mayelana Wikipedia

Ukufundisa isiZulu njengolimi lwesibili lokwengeza

IsiZulu ngolunye lwezilimi ezikhulunywa kakhulu eNingizimu Afrika, ikakhulukazi KwaZulu Natali. Ucwaningo lufakazela ukuthi ukwazi ukuxhumana kuyinto ebalulekile ikakhulukazi uma kuza kwezohwebo. Uhulumeni waseNingizimu Afrika wenze wanxenxa zonke izikole ezazingama-Model C ukuthi zethule izilimi zomdabu zaseNingizimu Afrika ezikoleni zazo, kuye ngolimi lwendabuko olukhulunywa kakhulu kuleso sifundazwe. Ngokwesibonelo, esifundazweni saKwaZulu Natli ulimi olukhulunywa kakhulu isiZulu. Elinye lamasu athakasela umbhali ukufundiswa kolimi lwesiZulu kusetshenziswa izingxoxo.