Umakhalekhukhwini

Mayelana Wikipedia

Umakhalekhukhwini ucingo oluphathwayo olungashaya futhi lwamukele izingcingo ngomhume womjinge wamaza kuyilapho oluphethe ehamba ngaphakathi endaweni enenkonzo yocingo. Umhume womjinge wamaza uxhumana nesimiso sokuqhebeza somGidingi kamakhalekhukhwini, ohlinzeka ngemvume yokusebenzisa uXhoxho locingo lomphakathi oluqhebeziwe (PSTN). Izinkonzo zikamakhalekhukhwini zanamuhla zisebenzisa izakhiwo zoxhoxho olumakhukhu, futhi, ingakho ucingo oluphathwayo lubizwa uMakhalekhukhwini. Lendlela yokuxhumana nabanye abantu ngaphandle kocingo olubonakalayo isebenza ngokuthi umakhalekhukhwini uxhumane nomboshongo oseduze wokhukhu (cell tower), okuyiwona oxhumana noxhoxho lukamakhalekhukhwini (phone network). Lapho umuntu ehamba futhi ebakude nomboshongo wokhukhu akulo, lolokhukhu luthumela umyalezo kolunye ukhukhu angena kulo nemibhoshongo yalo ukuze aqhubeke nokuxhuma futhi aqhubeke esebenzise umakhalekhukhwini. Igama elithi umakhalekhukhwini alisho ikhukhu ofakwa kulo kuphela, kodwa lisho nendawo enemibhoshongo yokuthi uxhume kalula. Umakhalekhukhwini wesimanje akusesiwo owokuthumela imilayezo kanye nokushayela abanye kuphela, kodwa weseka nezinye izinkonzo ezihlukile ezifana nemiyalezo yemiqhafazo, ukuxhuma kuxhakaxholo, ukuthatha izithombe zezibhangqiwe, ukulalela umsakazo, umbikombani, ukusebenzisa inkombandlela, ukuxhumana ngensibomvu nebluetooth , imifeketho yeBukwa, izinsiza zamabhizinisi. UMakhalekhukhwini ophana ngalezi zinsiza nezinye eziningi ubizwa ngokuthi uMakhalipha (smartphone.)

Umakhalekhukhwini

uMakhalekhukhwini uthathwa njengento eqanjwe ngumuntu ebalulekile njengoba kungesetshenziswa kabanzi futhi kungedayiswa kakhulu kubakhozi bezobuchwepheshe. Namuhla omakhalekhukhwini bagcwele ndawozonke emhlabeni, abantu abangaphezu kwamaphesenti angama-90 banomakhalekhukhwini okungenani owodwa. Njengoba omakhalekhukhwini beqhubeka nokudla ubhedu, lokhu kwenza ukuba babize kancane futhi kube lula ukuthi abantu abaningi babathenge.

Bheka futhi[hlela | Hlela umthombo]