Uphiko Lwezilimi Kuzwelonke

Mayelana Wikipedia

Uphiko lweziLimi kuZweIonke (NLS) lugqugquzela futhi lwenza lula ukuxoxisana ngezilimi ezahlukene. Ekuzameni ukuhambisana nokushiwo uMthethosisekelo i-NLS ilawula ukwehlukahluka kwezilimi emphakathini wethu futhi kuwumthwalo wayo ukwakha ubudlelwano kuzo zonke izilimi zabantu bakuleli ngokusebenzisa lokho okushiwo yinqubomgomo ngenhloso yokuthi kugqugquzelwe ukusentshenziswa kwalezi zilimi, kanye nazo zonke izilimi ebezinganakiwe emlandweni wakuleli. Kwalezi silimi ngenhloso ezahlukene ilawula kwezilimi nemikhankaso izidingongqangi AmaZulu ongumongo wakuleli.

Umsebenzi ongumongo we-NLS ukugcina izidingongqangi zoMthethosisekelo, ngokugqugquzela, ukukhuthaza nokuhlinzeka izinsizakalo zokuhumusha nokuhlela kuzo zonke izilimi ezisemthethweni kanye nokulawula ukuwehlukahluka kwezilimi ngokuhlela izilimi nemikhankaso yobuchwepheshe bamagama (terminology).

I-NLS isebenza njengeziko lonongoti bezilimi abayisisekelo sikaHulumeni ngokuhumushela kuzo zonke izilimi ezisemthethweni imibhalo nemiqulu yakwaHulumeni. Bese kuthi uphiko lobuchwepheshe bamagama lona lwelekelela ngokusombulula, luthuthukise futhi luzifake izilimi kumgudu ohambisanayo nezikhathi okuphilwa, lokhu lukwenza kuzo zonke izilimi ezisemthethweni. Uphiko lokuhlela izilimi lona lumbandakanya ukwaluleka uhulumeni ngezokuthuthukisa inqubomgomo kwezolimi kanye nezindlela zokwenza lokho kusebenze.