Uphuthu

Mayelana Wikipedia

uPhuthu lungukudla okuvame ukudliwa eNingizimu Afrika. Uphuthu lwenziwa ngempuphu esuselwa kummbila owomisiwe, bese wagayiwa waphendulwa impuphu. Luphekwa ngamanzi abilisiwe. Ludliwa kakhulu nobhontshisi, amasi, kanti futhi luyadleka nanoma yisiphi isishebo.

IZINDLELA ZOKUPHEKA UPHUTHU

  1. Kala amanzi anele uphuthu ofisa ukulipheka.
  2. Linda amanzi abile ebese ufaka impuphu yesikalo sakho.
  3. Yekela kubile noma imizuzu emi-5 lapho isitofu sakho siphezulu.
  4. Lapho sekugxabha khona, goqoza kuze kwakheke amageqela ebese wehlisa isitofu usibeke maphakathi..
  5. okusuka lapha usuzoligoqoza kahlanu njalo emva kwemizuzu eyi-10.
  6. Lapho seluhlangene khona, selungasabonakali uhoyizana lwempuphu, thatha imbhijana uyihlafune: Uphuthu oseluvuthiwe olugqumuzeli kanti futhi auluhlakazeki kube sengathi udla impuphu nje uphinde ujabule.
Uphuthu seluhlanganiswe namasi(indwamba). Kulungele ukudliwa