Umsunu


UMsunu isitho sobulili sowesifazane socansi. Kubantu, siyingxenye enemizwa yocansi yenhlunu ngokuyinhloko edalelwe ukua umthombo wobumnandi bocansi kowesifazane. Umsunu uyisitho esidalwe ngendlela eyikimbinkimbi, futhi ubungako bawo nobuzaze (sensitivity) bawo buyahlukahluka. Ingxenye yawo ebonakalayo, inkanda yomsunu ivame ukulingana nembewu nomumo womqoqo futhi kuqagelwa ukuthi inemidiyo yemizwa ebalelwa kuzi-10,000.[1] [2]Ngokuvamile lapho abantu bethi umsunu basuke besho inkanda yesitho ebonakalayo. Kusetshenziswa negama elibolekiwe lamaqobolondo elithi ubhontshisi ukuwuhloniphisa. Isizathu esiyinhloko nesaziwayo sokuba khona komsunu ukuthi owesifazane athokozele ucansi.[3] Ngokwesakhiwo, umsunu uyafana nomthondo womuntu wesilisa.[4]
Ulwazi ngomsunu lukhinyabezwa kakhulu indlela abantu abawubuka ngayo ngokwesiko. Ucwaningo luveza ukuthi ulwazi lokuba khona kwawo njengesitho sangempela luncane kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izitho zangasese (ikakhulu ezabesilisa).[5] KwaZulu kukhona umbono wokuthi leli gama liyinhlamba futhi akufanele likhulunywe noma ikanjani, phambi kwezingane noma esidlangalaleni. Abanye kungoba bancishwe ulwazi ngalesi sitho somzimba, kanti abanye kungoba abakwazi ukuhlukanisa phakathi kwenhlamba nesitho somzimba.
Umsukagama
[hlela | Hlela umthombo]Igama elithi umsunu yilona gama lesizulu eliqoshiwe elalisetshenziswa nasendulo ukuchaza lesi sitho sangasese.[6] Leli gama lisho isitho soqobo, akulona inhlamba. Isichazamazwi sikaVilakazi siveza nokuthi libuye lusetshenziswe nalapho kukhulunywa ngenhlunu. Ngokwesibonelo, kunezihlahla ezilaphayo nezitshalo abelapho bendabuko abasebenzis igama umsunu njengesiqalo sazo, ezihlanganisa umsunu wembuzi, umsunu wengane, umsunu wenkawu. Lokhu kubonisa ukuthi ukusetshenziswa kwalo akuyona inhlamba, njengoba lamakhambi aqanjwe ngalo.
Isakhiwo sawo
[hlela | Hlela umthombo]
Ingxenye enkulu yomsunu yakhiwa izingxente ezingaphakathi. Kubanti yakhiwa inkanda, nomzimba wawo (owakhiwa izingenye ezimbili eziyizicubu zokuvukelwa ezaziwa ngokuthi amashodozana (corpora cavernosa), nenceda (prepuce) yawo, nesiqu. Isicubu esibizwa (frenulum) singaphansi kwenkanda.
Ucwaningo lubonisa ukuthi isicubu somsunu sinulekela ngaphakathi kwenhlunu. UŞenaylı nabanye. bathi lapho becubungula umsunu, ikakhulu amashodozana, kuningi okusazotholwa ngoba sekuphele iminyaka umsunu uthathwa njengesitho esinganmsebenzi. Baveza nokuthi umcwaningi uBaskin nasebenza nabo bawucwaninga umsunu emva kokuwuhlinza nokuwuthwebula, futhi bathola ukuthi kunemizwa eminingi ezungeza umsunu wonke.
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ https://books.google.co.za/books?id=RY0n2CGS5EcC&pg=PT154&redir_esc=y
- ↑ https://news.ohsu.edu/2022/10/27/pleasure-producing-human-clitoris-has-more-than-10-000-nerve-fibers
- ↑ Kilchevsky, Amichai; Vardi, Yoram; Lowenstein, Lior; Gruenwald, Ilan (January 2012). "Is the Female G-Spot Truly a Distinct Anatomic Entity?". The Journal of Sexual Medicine. 9 (3): 719–726. https://academic.oup.com/jsm/article-abstract/9/3/719/6886637?redirectedFrom=fulltext&login=false
- ↑ Tortora, Gerard J; Anagnostakos, Nicholas P (1987). Principles of anatomy and physiology (5th ed.). New York: Harper & Row. pp. 727. https://archive.org/details/principlesofanat05tort/page/726/mode/2up
- ↑ Balcombe, Jonathan (2007). Pleasurable Kingdom: Animals and the Nature of Feeling Good. ISBN 978-1-4039-8602-3
- ↑ Doke, Vilakazi (1972). Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 770.