Igengamehlo

Mayelana Wikipedia
(Redirected from INgengamehlo)
Ingengamehlo yomuntu oyisithomiyana ovela kufilimu yango-1952 ethi The Seven Deadly Sins

Igengamehlo ukungenga noma ubuqili obusetshenziswa eshashalazini, embukisweni yomfeketho, kumafilimu, umabonakude nakwezinye izindawo ukuze kufefenyekwe izehlakalo ezicatshangayo endabeni noma kwindwalife.

Izingengamehlo ngokuvamile zihlukaniswe zaba iminxa yalezo zenguxa nalezo zegqalo. Njengoba sekuvele indlela yokwenza amafilimu ngokwezezibhangqiwe sekunomuhluko phakathi kwengengamehlo kanye nokulumba isibukelwa, ngoba ukulumba isibukelwa kubhekisela kokwenziwa ngokwezezibhangqiwe kamuva nakulokho okwenziwa ngokwegqalo, kuyilapho "ingengamehlo" ibhekisela kokwenziwa ngokoqobo.