Ingqimbazana

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Isakhangqamu)

Gr_hsp90_translocation

Ngokomchazampilo wengqamuzana, Ingqimbazana ibizo elibhekisela kuzo zonke izithako ezingaphakathi kwengqamuzana lemvelendeni, elingungwe ulwelwesi lwengqamuzana, ngaphandle kwendeni yengqamuzana. Izithako ezingaphakathi kwendeni neziqukethwe ulwelwesi lwendeni zona zibizwa ngokuthi isicabandeni (nucleoplasm). Izigcoyi eziyinhloko zengqimbazana ziyintikicana (cytosol) (isiqa esintikintiki), izithokazane (organelles) (izinhlaka zengqamuzana ezingaphakathi), kanye nezinye izithako ezakha ingqamuzana. Ingqimbazana ngokwayo ingamanzi angama-80 ekhulwini futhi imvama ayinambala. Imisebenzi eminingi ebalulekile yengqamuzana yenzeka kwizithokazane, ezifana nezinsimbi zenguxa yokwenza imisebenzi eminingi.

Stomata_12_Septmeber_2018

Intikicana iqukethe ingxube eyinkimbinkimbi yemicu yesixhakangqamu, kufaka phakathi i-endoplasmic reticulum kanye nezinto zikaGolgi. Kubandakanya nemizwayi encibilikisiwe, namanzi agcwalisa ingxenye enkulu yengqamuzana. Ngenxa yalolu xhoxho lwemicu, ulwelwesi nemizwayikhulu emaningi encibilikile njengezakhamzimba, intikicana ayisebenzi njengoketshezi olulula. Umsebenzi oyinhloko wengqimbazana ukubamba izithokazane endaweni.