IsiKhuhluzi

Mayelana Wikipedia
(Redirected from IsiKhuhluzo)
IsiKhuhluzo esinanacala ayisi-6 okuhhadlazisa
IsiKhuhlo esinxane esikhombisa isiCezuli seMifino

IsiKhuhluzi, sibuye saziwe ngokuthi isiHlafuzi, isitsha sasekhishini esisetshenziselwa ukugaya ukudla kube yizicucu ezincanyane. IsiKhuhluzi sesimanje salunjwa ngu-François Boullier ngeminyaka ye-1540s, ngenhloso yokugay uJibini .

Ukusetshenziswa[hlela | Hlela umthombo]

Ukulungiswa kokudla[hlela | Hlela umthombo]

Isikhuhluzi sikaJibini

kunezinhlobo ezining zeziKhuhluzi zifaka nobukhulu obahlukahlukene zeziKhuhluzi, ngakho-ke zingasiza ekulungiseni ukudla okuhlukahlukene. Ngokuvamile zisetshenziselwa ukukhuhluza uJibini kanye namakhasi kaLamula noma eWolintshi (ukukhiqiza uMhlibi ), kanti futhi zingasetshenziswa ukuKhuhluza okunye ukudla okuthambile. Zivame ukusetshenziswa ekulungiseni isinkwa somchachambiso esinoJibini, i- Welsh rarebit, isaladi lamaqanda, nezinye izipheko eziqukethe isoso kaJibini njengeziHashuki noJibini, uJibini wesishimanqi klabishana .

KwiziPheko zamaSlavikhi, iziKhuhluzi zivame ukusetshenziselwa ukuKhuhluza amaZambane ukulungiselela iziPheko, okufaka phakathi idraniki, ibramborak noma ibabka yamaZambane .

Emazweni ashisayo iziKhuhluzi nawo zisetshenziselwa ukuKhuhluza inyama kakhukhunathi. Ezwenikazi laseNdiya, isikhuhluzi sisetshenziselwa ukulungisa isilandeli kudla esithandwayo, Gajali KaHalwa .

IziKhuhluzi zikhiqiza imiHlafuzi emincane ekugcineni kunamaphakathi nendawo. Lokhu kuvumela isiKhuhluzwa ukuthi sincibilike ngezindlela ezingafani ezahlukile kunalapho zinohlonze olulinganayo olukhiqizwe umushume womushini wokukhuhluza ukudla . Amazambane aKhuhluzwe ngesandla, njengesibonelo, ancibilika ndawonye kalula kuThosi wamaZambane kunezingcezu zamazambane ezikhuhluzwe ngomushini.

EmCulweni[hlela | Hlela umthombo]

EJameyikha naseBhelize, iziKhuhluzi zisetshenziswa njengensimbi yomculo yendabuko (kanye neziGubhu, iFife, nezinye izinsimbi) uma kwenziwa ikumina, ijonkanu, kanye nemento kwezinye izikhathi .

UmLando[hlela | Hlela umthombo]

Isikhuhluzi sikaJibini sesimanje salunjwa eFilanci ngeminyaka ye-1540 ilunjwa nguFrançois Boullier. Umklamo wakhe wephwuthi wawuhloselwe ukuguqula uJibini oqinile ube into edlekayo.

Izahluki[hlela | Hlela umthombo]

IziNgoqelela izikhuhluzi zemishini ezibucayi. Lezi izinxakanxaka zizungeza ngokuphenduka kwesihleke ukukhiqiza ummombo noma izingoqela.

IziThombe[hlela | Hlela umthombo]

Esikweni elidumile[hlela | Hlela umthombo]

  • Usomahlaya uMitch Hedberg wenze ihlaya lapho athi igama eliwumqondophikisa le-cheese grater (isiKhuhluzi sikaJibin) kwakuyoba "umoni wesipontshi".
  • U-Kevin Eastman, owabamba iqhaza ekusungulweni kwamaTeenage Mutant Ninja Turtles, wathola umqondo wezivikeli mzimba zikaShredder ezisusela kwizikhuhluzi zikaJibin ezinkulu azibone ngeso lengqondo ezingalweni zeHilikiqi elizisebenzisa njengezikhali. Ekuqaleni wayebizwa "ngoMkhuhluzi", uShredder waziwa njengeHilikiqi eliyinhloko kuTMNT. [1]
  • Abalandeli bezemidlalo baseWisconsin bavame ukubizwa ngokuthi amaJibini, kanti abanye bagqoka izigqoko zikaJibini. Ngo-2013, abalandeli bezemidlalo baseChicago naseMinnesota baphendula izimbangi zabo ngokugqoka izingubo zemifaniswano zemikhuhluzi. [2]

Bhekafuthi[hlela | Hlela umthombo]

  • Umushini wokukhuhluza ukudla – umshininyana onemishumi wezikhuhluzi
  • IMandoline
  • Oloshigane
  • ISuluform
  • Thamisi
  • Isikhuhluzinsipho

Amaphatho[hlela | Hlela umthombo]

  1. Brad Fredericks. "American Rhythm and Blues Influence on Early Jamaican Musical Style". Retrieved 2007-07-14.

2. Andrews, Colman. "The 25 Most Important Inventions In Food And Drink". Business Insider. Retrieved 9 October 2021.

3. Mitch Hedberg. "Mitch Hedberg - Cheese Shredder". Archived from the original on 2013-07-18. Retrieved 2011-06-25.

4.The Making of 'Teenage Mutant Ninja Turtles': Behind the Shells. 1991.

5.Cheddar shredder - Chicago Tribune, 26 December 2013

  1. The Making of 'Teenage Mutant Ninja Turtles': Behind the Shells. 1991.
  2. Cheddar shredder - Chicago Tribune, 26 December 2013