Amafenala
Amafenala (noma ilifunala) igama lesiZulu lefu eliminyene, eliphakeme eliqondile, [1] elivame ukwakheka ngomhwamuko wamanzi ojiyeka enjikambulunga esezansi eyakheka ibheke phezulu ithwalwa umoya onamandla. Ngenhla kwezingxenye ezingezansi zefunala umhwamuko wamanzi uphenduka imincwebe yeqhwa, njengomkhithiko nesichonchwane, ezinokwenanana okungaholela esiqothweni nasekwakhekeni kombani, ngokulandelana. Amafenala ayakwazi ukwakheka ngawodwa, ngezihleke, noma ngebhidli leziphihli. Lawa mafu ayakwazi ukukhiqiza umbani nezinye izimo zezulu eziyingozi, ezifana nenkanyamba, iziphepho namatshe wesiqhotho. Amafenala ayakwazi ukuziqhubeza kusuka emafwini awumnqobe othwele imvula futhi angaba ingxenye yamafu wesiphihli esikhulu.
Ummomo
[hlela | Hlela umthombo]Amafenala aphakama njengombhoshongo avame ukuphelezelwa amafemvula amancane. Amafenala ayakwazi ukujijeka agcwale isibhalabhaka sonke, noma athi gqwa gqwa futhi atholakala ezansi kuya esithikilini sezulumbulunga.[2] Amafenala athuthuke ngokwanele abonakala ngkuhlelemba, abe nomumo wesicandulo ngaphezulu, okudalwa isiivungu esibhakabhakeni.
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ . p. 48–50. Missing or empty
|title=
(help) - ↑ Wild World of Clouds Cloudsat, NASA.com