Jump to content

Amahlamvu

Mayelana Wikipedia

Amahlamvu[1] ezihlahla ezithelo abalulekile kakhulu empilweni yabantu. Amahlamvu asemasha, athambile aphuma ezihlahleni zezithelo awukudla futhi aphinde abe umithi wokulapha[2] izifo eziningi ezahlukene. Amahlahla avela ezihlahleni zezithelo ayakwazi ukuthi asebenze njenge tiye noma aphekwe ukwenza isiphuzo sokujabulisa umzimba uma kubanda noma kushisa ilanga. Kubalulekile ukuthi umuntu azi ukuthi imaphi amahlamvu angasebenza kahle uma ezodliwa noma ezosebenza njengo muthi wokulapha. Okokuqala, umuntu kufanele abe nolwazi lwesihlahla kuqala. Lapho kulandele ukwazi ukuthi inhloboni yesithelo evela kulesosihlahla. Ulwazi lwesikhathi sonyaka lapho isihlahla sithela khona kusiza kakhulu ngoba isikhathi sokuhlonipha ukukha amahlamvu. Amahlamvu akhiwa ngesikhathi lapho kungena khona amahlamvu amasha. Isikhathi esihle leso ngoba isihlahla sikhipha amahlamvu amaningi.

Isihlahla samaganandoda
  • Isibonelo sokusebenzisa amahlamvu[3] esihlahla esithela amaganandoda[4], phecelezi 'pear'.
  • Isihlahla esithela amaganandoda sibalulekile kakhule ngoba sinesithelo esimunandi futhi amahlamvu asebenza njengetiye lokulekelela umzimba ukuthi ubenamandla ikakhulukazi emqondweni 'brain' noma 'cognitive strength'.
  • Amahlamvu uyawakha bese uwabeke elangenin ukuthi ome.
  • Uma esomile uyakwai ukuwapheka ngamanzi.
  • Amahlamvu angamashumi amabili angaphekwa ngamanzi angamalitha amabili. Isikhathi sokubilisa lelitiye kuba amaminithi angamashumi ayisithupha '60 minutes'. Ungaliphuza lelitiye lishisa noma libanda. Uma usuphuzile lelitiye umzimba uba namandla okusebenzisa umqondo ngaphandle kokukhathala. Lelitiye lesihlahla samaganandoda[5] luwusizo kakhulu.
  • Isihlahla samaganandoda esitshalwe ekhaya 'home grown pear tree'
    Isihlahla samaganandoda siwumngane wabantu abafuna ukuzelapha nabantu abafuna ukufunda bakhumbule yonke into abayifundile.
    Amaganandoda
  • Uma unenkinga kashukela emzimbeni[6], lelitiye liyakwazi ukusiza ukwehlisa izinga likashukela emzimbeni. Kufanele uliphuze nsuku zonke ukwenzela ukuthi izinga likashukela lihla lisenzingeni eliphansi. Abantu abanenkinga kashukela 'diabetes' bangasizakala kakhulu. Kusho ukuthi ukutshala isihlahla esithela izithelo kuyasiza kakhulu. Ziningi izihlahla ezithela izithelo eziwusizo engizobhala ngazo ekhasini elilandelayo.
  1. Izihlahla zokulapha – The Ulwazi Programme
  2. Izihlahla zokwelapha – iAfrika
  3. Amahlamvu - Wikipedia
  4. Gardening PressReader.com - Digital Newspaper & Magazine Subscriptions
  5. PressReader.com - Digital Newspaper & Magazine Subscriptions
  6. bheka i - Wikipedia