Jump to content

Amahlokohloko Secondary School

Mayelana Wikipedia
izikole zasemakhaya
Added a picture

Amahlokohloko Secondary isikole esisesifundazweni saKwaZulu-Natali endaweni yasemakhaya ebizwa ngokuthi isehlanzeni. Abafundi abafunda kulesisikole bancane kakhulu kanti nabafundisi futhi bancane. UThishanhloko wakulesisikole uthi abafundi abezwa, abalaleli futhi baphume esandleni ngalendlela yokuthi bagcina sebeshaya nabafundisi babo ababafundisayo. Ngendlela izinto ezenzakala ngakhona emahlokohloko secondary umphakathi ugcine ususola ukuthi isikole ngathi asikho emthethweni, asikho ngaphansi kukahulumeni futhi asiveli nasezincwadini. Kumatikuletsheni ka 2022 kuthiwa akekho noyedwa umfundi owaphumelela futhi waphuma ephepheni. Lokhu kubangwa ukuthi abafundi abezi esikoleni, bayalova bazihlalele emakhaya abo noma bezile ke eskoleni bazihlalela ezindlini zangasese bazibhemele insango lize lishone ilanga bengakaze bafunde lutho. Uma abafundisi bethi bayakhuluma bebekhuza abafundi bagcina sebebashaya noma babagwajise. Kuke kwasuka omkhulu umsindo lapho umfundi engenele omunye wabafundisi lapho ayeqashe khona, Kuthiwa wafika yena nabangani bakhe bahlasela umfundisi bamshiya khona lapho elimele.

Amagumbi okufundela
Added a picture

Noma ayekhala ememeza ethi sizani, akekho noyedwa owaphumaukuzomsiza ngoba phela lezizingane bayazesaba zingamahlongandlebe. Nomphakathi wakulo lelihlanze uyasho ukuthi intsha yakulendawo ayinayo sidalo inhlonipho, iyadelela futhi iphinde ishaye nabantu abadala nasemakhaya. Kuthiwa kunesikhathi uhulumeni etshelwa ngaloludaba ecelwa nokuthi angenelele naye enze imizamo nanamhlanje lutho okwenza abantu bacabange ukuthi vele uhulumeni akanandaba nezindawo zasemakhaya. Abomphakathi bathi isikole masivalwe ngoba vele akekho noyedwa umfundi ophumeleleyo kumoshwa isikhathi. Abezindaba namaphepha bafika bethi bazofunisisafuthibafunda ukubhala ngaloludaba kodwa kwanhlanga zemuka nomoya beshaywa izingane ngamatshe babaleka ngoba babesabela izimpilo zabo. Kuhle isikole sivalwe ngoba asenzi mehluko emphakathini noma kusalindwe izwi likahulumeni.

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]

https://www.schools4sa.co.za/school-profile/mahlokohloko-s/

Twinkl - Error 404 : Not Found