Amaphupho

Mayelana Wikipedia
El sueño del caballero, 1655 (Antonio de Pereda)

Ukuchaza amaphupho kuyingxenye esemqoka osikweni lwamaZulu. Umbuso wemimoya uyingxenye yansukuzonke empilweni yemiphakathi eminingi yama-Afrika, futhi kumaZulu ngamaphupho awumongo alombuso. Izincazelo nemifanekiso okwakha izwe lamaphupho lamaZulu kuguquguquke ngokwehlukana kwimifanekiso yaseNtshonalanga, futhi kwenza uhlelo lwezincazelo olunothile noluvusa imizwa.

Osikweni lwamaZulu, amaphupho axhumanisa abaphilayo nokhokho (namadlozi), nokhokho (namadlozi) nabo baxhumana kanjalo nabaphilayo. Kwesinye isikhathi amaphupho anikeza impendulo ezintweni umuntu azithandazele noma acele usizo lokuzixazulula, kodwa futhi angamane azifikele nje ukuzonikeza isiqondiso ezimpilweni zabantu. Amanye amaphupho acacile ngokuqondile, angachazwa kalula nje yilowo ophuphile, kodwa amaphupho ayinkimbinkimbi nangaqondakali angadinga usizo lwesangoma (umelaphi wendabuko) ukuwaqonda. Lokhu kuvamise lapho iphupho lihilela izenzo zabanye abantu noma lidinga ukuba ophuphile kube khona akwenzayo ukushweleza noma ukukhonza amadlozi.

KumaZulu, ukuphindaphinda kwephupho noma uphawu, kwenza indingeko ibenkulu ekuqondeni nasekuthatheni izinyathelo. Ukuphupha nje kanye kungebe ndabazalutho, kodwa uma iphupho liphindaphinda noma licace bha, kumele lichazwe futhi kuthathwe nezinyathelo.[1]

Ukuphupha umbotshisi usesakeni obovu omunye uchithwe emsamu lapho kuchithwe khona ubulongwe osebuthanda ukoma emuva kokungenisa abanti ebebecela ukungena ubaphakele lokhu kidla ozokudla nawe

  1. https://iafrika.org/mayelana-namaphupho-osikweni-lwesizulu/