Jump to content

Amayezecuya

Mayelana Wikipedia

Cirrocumulus_20040830

Amayezecuya olunye lwezinhlobo ezintathu eziyinhloko zamafu asesigabeni esiphakeme sezulumbulunga , ezinye ezimbili okungamamayezi kanye namayezenaba . Ngokuvamile atholakala esithikilini esiphakeme esingamakhilomitha ayisihlanu kuya kwishumi nambili (12). Njengamafufu namafufenaba, okungamafu esigaba esiphansi, amayezecuya awuphawu lokuchadaluka . Ngokungafani namanye amafu wezulumbulunga anesithikili esiphakeme njengamayezi namayezenaba, amayezecuya ahlanganisa inani elincane lamaconsi amanzi awuketshezi, nakuba lokhu kusesimweni esikhaza kakhulu . Imincwebe yeqhwa iyisigcoyi esiyinhloko, futhi ngokuvamile, imincwebe yeqhwa iyisisusa sokuthi amanzi abanda kakhulu ehle efwini ukuze akhaze ngokushesha, okuyinto eguqula amayezecuya kube amayezenaba. Le mdludlungu ungase ukhiqize ukuna kohlobo ye- virga oluqukethe iqhwa noma umkhitho. Ngakho-ke, amayezecuya ngokuvamile ahlala isikhathi esifushane. Ngokuvamile akheka kuphela njengengxenye yesimo soguquko esihlala isikhathi esifushane endaweni yamayezi futhi angakheka kafuphi njengomphumela wokuhlajazeka kwengxenye yesicandulo samafenala. Ilifu ngalinye elakha amayezecuya lingabzwa ngokufanele ngokuthi "ifefana".