Breedekloof

From Wikipedia
Jump to navigation Jump to search
Izintaba zeBreedekloof

Isifunda samawayini iBreedekloof siyinxenye yezifundazwe ezintathu ezihlanganisa isifundakazi samawayini iBreede River Valley. Iziqhayisa ngabadidiyeli bewayini abangu 28 (bangu 11 abadidiyeli bezohwebo kanti bangu 17 abadidiyela ngasese). iBreedekloof ibalelwa ku 14.24% (13029 hektha) yesivini somhlaba wamawayini aseNingizimu Afrika. Iningi labatshali bendabuko litholakala eBreedekloof, singabala iChenin Blanc engelinye lamawayini atshalwe kakhulu kulendawo.

Indawo[hlela | Hlela umthombo]

Isifunda samawayini iBreedekloof itholakala phakathi kwe Worcester nePaarl, ingaphansi komasipala we Breede River Valley. Lomasipala uhlanganisa i Rawsonville, Slanghoek, Goudini Kanye nendawo yase Breerivier. Intshonalanga kanye nase ningizimu tshonalanga yemingcele yeBreedekloof, neyeSlanghoek, neyeDu Toitskloof Mountains kanye nenyakatho Mpumalanga zimbozwe intaba enkulu iHex River Mountains.

Source: WOSA. 2016. http://www.wosa.co.za/Images/MAPS/small/Breedekloof2.jpg [23 October 2016]

Isimo sezulu nesendawo[hlela | Hlela umthombo]

iBreedekloof ibonakala ngobuhle bayo obukhulu obuhlanganiswa isimo sezulu nesendawo etholakala kuyo, lokhu okuyenza iqhakambise izitshalo ezinhle nezikhula kahle. Lendawo iphethwa izintabakazi kanti futhi iphakathi kolwandle iAtlantic ocean ne Klein Karoo. iBreedekloof inezinhlobonhlobo zomuhlabathi, singabala umhlabathi omnyama osindayo kanye nesihlabathi solwandle esitholakala onqenqemeni lwemifula emidala. Lomhlabathi oyingqayizivele kanye nesimo sezulu esihle lendawo ithandwe kakhulu ngokwenza umkhiqizo wewayini. Imvula yonyaka yeseValley ebusika ibalelwa 700mm, lokhu kwenza lendawo ibeyenye yezindawo ezinetha kakhulu eNingizimu Afrika.

Isimo somnotho[hlela | Hlela umthombo]

Izivini zeBreedekloof

Imisebenzi yezolimo iyona esiza lendawo yaseBreedekloof kahkulu ngesimo somnotho. Lendawo idume kakhulu ngokukhiqiza amawayini kodwa futhi ziyatholakala ezinye izithelo ezifana namapentshisi, amaplums, amapheya kanye nezinye izithelo ezehlukene. Ezokuvakasha, nokwenziwa kwemicimbi yokushadisa kanye nokunika izivakashi indawo yokulala yeminye yemikhakha ebalulekile esimeni somnotho wakulendawo.

Umzila wewayini iBreedekloof[hlela | Hlela umthombo]

Umazila wewayini iBreedekloof ingumzila omncane kanayo yonke la eNingizimu Afrika. Lomzila wasungulwa ngonyaka ka 2002 yayinabadidiyelie bewayini abangu 22. Lomzila ugijima kusukela eGouda kuya eMontagu (empumalanga kuya entshonalanga) uphinde usuke eMcGregor kuya eTankwa-Karoo National Park (enyakatho kuya eningizimu).

Lomzila uhlanganisa iRoute 62, kuthiwa lomzila iwona omude kanayo yonke izwe lonkana.

Abadidiyeli bewayini eBreedekloof

  • Badsberg Cellar Lateganskop Cellar
  • Bergsig Estate Merwida Winery
  • Botha Cellar Mountain Ridge Wines
  • Deetlefs Estate Rico Suter Wines
  • Du Toitskloof Cellar Opstal Estate
  • Jason's Hill Private Cellar Slanghoek Cellar
  • Goudini Wines uniWines Vineyards
  • Kirabo Private Cellar Waboomsrivier Winery

Umkhosi wewayini eBreedekloof – Soetes & Sop[hlela | Hlela umthombo]

iSoetes & Sop umkhosi omkhulu wonyaka wamawayini obanjela eBreedelkoof ngabo July, lomkhosi uhlelwa abakhiqizi bewayini nehhovisi lezokuvasha elise Rawsonville. Bonke abadidiyeli bewayini ababamba iqhaza kulomncimbi (14 ngonyaka ka 2016) bavulela izivakashi izintolo zabo. Lomcimbi wendlalekile, kuvunyelwa abavakashi ukuthi bathenge amathikithi wezingilazi zokuphuza iwayini kanye nezinkomishi zesobho, lezingilazi nezinkomishi zisiza abavakashi ngokunambitha iwayini kanye nesobho uma behambela abadidiyeli abehlukene. Ngosuku lomcimbi abavakashi bathola ithuba lokuzwa amawayini asezuze izicoco nemiklomelo yeSoetes (lamawayini aziwa ngokuthi amadesserts wines), kungabalwa iHanepoot, iMuscadel, iNoble Late Harvest, iRed Jerepigo kanye nePort. Abadidiyeli abaningi badayisa lamawayini kuhlangene nesobho.

Ukebheka[hlela | Hlela umthombo]

  1. SAWIS 2016. SA Wine Industry Statistics. NR 40
  2. Gdg
  3. UniWines. 2016. http://www.uniwines.co.za/the-land-and-its-people. [23 October 2016]
  4. South Africa Tourism. 2016. http://www.southafrica.net/za/en/articles/entry/article-southafrica.net-the-breedekloof-wine-route [23 October 2016]
  5. SA Venues. 2016. http://www.sa-venues.com/attractionswc/breedekloof-wine-route.htm [23 October 2016]
  6. Cape Town Magazine. 2016. http://www.capetownmagazine.com/events/breedekloof-soetes-and-soup-festival/11_37_55713 . [23 October 2016]
  7. Breedekloof Wine Valley. 2016. http://breedekloof.com/main/events/event/soetes-soup. [23 October 2016]

Link Article to:[hlela | Hlela umthombo]