Dumisa Ntsebeza

Mayelana Wikipedia
UDumisa Buhle Ntsebeza (2019)

UDumisa Buhle Ntsebeza (owazalwa mhlaka-31 zika-Mfumfu 1949) ngummeli, isikhulumi, nombhali waseNingizimu Afrika ozelwe eTranskei, eMthatha ngaseEastern Cape. Ungumfowabo kaSolwazi Lungisile Ntsebeza [1]. UnguSihlalo weDesmond Tutu Peace Trust [2] njalo uyisikhulu seNelson Mandela Foundation. Wabamba iqhaza emzabalazweni wezepolitiki wokulwa nobandlululo. Ngenxa yalokho yena nabafowabo baboshwa ngo 1976. Ngenkathi eboshiwe wenza iziqu zakhe zomthetho [3]. Ngo 1995 uNtsebeza ube yingxenye yeKhomishini yeQiniso nokuBuyisana iTruth and Reconciliation Commision. UNtsebeza waqokwa ukuba yi-chancellor ye-University of Fort Hare Ngenyanga kaMasingana ngo 2017[4].

Ebuntwaneni[hlela | Hlela umthombo]

UNtsebenza ukhulele, eTranskei endlini ekwakungeyona indlu yezepolitiki eyeqisayo, nabazali ababili ababengothisha bonke. Ngeskhathi bekhula ubaba kaNtsebeza wayekhuthaza ingane zakhe ukuthi bafunde iincwadi ukuze bathole ulwazi ngento ezihlukene. Yena no mfowabo badonswa ukungenela ezepolitiki zokuphikisana ngenxa yokukhuthazwa ngubaba wabo ebakhuthaza ukuba "bafunde futhi bazi ukuthi kwenzekani emhlabeni" [5].

Imfundo[hlela | Hlela umthombo]

UNtsebeza wenza izifundo zakhe zebanga eliphansi eCala United Primary School naseDutch Reformed Church School. Waqeda ustandard six ngo 1961 waqhubeka ngemfundo zakhe eArthur Tsengiwe Practical School ngo 1962 -1964. UNtsebenza wenza izifundo zikamatric eSt John's College eMthatha .

Waqokwa njenge chancellor eYunivesi yase Fort hare ngo 2017 kukaMasingana. Ummeli Ntsebeza wengezwe njengo meli ngo 1984.

Umele inqwaba yamabanjwa ezepolitiki phakathi nawo-1980 futhi ekuqaleni kwawo 1990 wamisa waba ngomunye wababizi[6], enkulumeni kanye nenhlangano yokubuyisana. Ungumsunguli wenhlangano yezwe Iningizimu Afrika wentando yeningi abameli kanye nabongameli bayo yena wakhona njengo mongameli wokumangalelwa wabameli abamnyama.

Inkomba[hlela | Hlela umthombo]

  1. Gibbs, Timothy (2014). Mandela's Kinsmen: Nationalist Elites & Apartheid's First Bantustan. Boydell & Brewer. p. 87. ISBN 9781847010896.
  2. "Desmond Tutu Peace Centre to shut down". West Cape News. 25 May 2014.
  3. https://mg.co.za/article/1997-11-07-who-is-dumisa-ntsebeza
  4. Meiring, Pieter (2014). Chronicle of the Truth and Reconciliation Commission: A Journey through the Past and Present into the Future of South Africa. Wipf and Stock Publishers. p. 189. ISBN 9781625647146.
  5. https://mg.co.za/article/1997-11-07-who-is-dumisa-ntsebeza
  6. https://www.google.com/search?q=dumisa+ntsebeza&rlz=1C1GCEU_enZA869ZA869&oq=D&aqs=chrome.0.69i59j0j69i57j69i60l3.2547j0j8&sourceid=chrome&ie=UTF-8