Ezolimo

Mayelana Wikipedia
ukulima eGibhithe lasendulo
ukulima okwenziwa eduze nase-Aldbourne
Flax

Ezolimo noma ukulima kusho ukukhulisa izilimo nezithelo, futhi namuhla sekuhlanganiswa nokufuya izilwane nakuba kuyizinto ezihlukene.

Ezolimo zaqala eminyakeni eyizinkulungwane edlule, kodwa kuyahlawumbiselwa ukuthi kuyinto endala kangakanani.[1] Ukuthuthukiswa kwezolimo kwaqala lapho abantu beqala ukudela impilo yokuzinga izindawo ngezindawo bezingela ukudla, futhi beqala ukuhlala nokwakha izidlidli.

Ezolimo kanye nokufuya kungenzeka kwaqala endaweni yamazwe avundile esuka emfuleni inayili oseGibhithe kuya eMesophothamiya.[2] Abantu baqala ezolimo lusilili ngokulima izilimo ezimbalwa abazozidla nemindeni yabo, kodwa belokhu bebuthela okunye ukudla ngokuzingela. Kungenzeka baqala ukulima emilimelo ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu nomhlabathi. Ukulima umlimelo kungondla izinkumbi zabantu kunokubuthela nokuzingela.

Lokhu yikho okwenza ukuba izibalo zabantu zikhule kuze kube namuhla.[3][4]

  1. Colin Tudge argues "from at least 40,000 years ago... people were managing their environment to such an extent that they can properly be called 'proto-farmers'". Tudge, Colin 1998. Neanderthals, bandits and farmers: how agriculture really began. London: Weidenfeld & Nicolson, p3. Template:ISBN
  2. Harris, David (ed) 1996. The origins and spread of agriculture and pastoralism in Eurasia: crops, fields, flocks and herds. University College London Press. Template:ISBN
  3. Taiz, Lincoln 2013. Agriculture, plant physiology, and human population growth: past, present, and future. Theoretical and Experimental Plant Physiology 25: p167–181.
  4. Zulkarnaen, Diny, and Marianito R. Rodrigo 2020. Modelling human carrying capacity as a function of food availability. The ANZIAM Journal 62.3: p318–333.