Ezomnotho

Mayelana Wikipedia
A graph depicting Quantity on the X-axis and Price on the Y-axis
Unongo lohlinzeko nengqekelelo oluchazisa indlela izintengo ezihluka ngayo ngenxa yokulingani phakathi kokutholakala komkhiqizo kanye nengqekelelo.

Ezomnotho ziyinzululwazi yomphakathi efunda ngokukhiqizwa, ukwabiwa, nokushwabadelwa kwezingudla nezinkonzo.

Ezomnotho zigxila ekucondozeni nasekwenananeni kwezensi zomnotho nokuthi iminotho isebenza kanjani. Umnothoncinci uhlaziya lokho okubukwa njengezici eziyisiseko zomnotho, ukwenanana kwazo, nemiphumela yaleyo minano. Izenzi ngazinye zingahlanganisa, ngokwesibonelo, imindeni, imishumanqa, abathengi nabadayisi. Umnothonkulu uhlaziya umnotho njengesimiso lapho ukukhiqizwa, ukushwabadelwa, ukonga, notshalomali ukunanana khona, kanye nezici eziwumthelela: ukuqashwa kwabasebenzi, Intshahla (capital), nomhlaba, impanyazo yenkece (currency inflation), ukukhula komnotho, nezinqubomgomo zasobala ezinomthelela kulezici.