I-Black Panther: Wakanda Forever

Mayelana Wikipedia

Black_Panther_Wakanda_Forever_logo

I-Black Panther: I-Wakanda Forever umbukelo wembudle waseMelika yango -2022 esekelwe kumlingiswa we- Marvel Comics u- Black Panther. Udidiyelwe umshumanqa i-Marvel Studios futhi wasabalaliswa i-Walt Disney Studios Motion Pictures, ulandela i-Black Panther (2018) futhi ungumbukelo wama-30 ohlwini lwe-Marvel Cinematic Universe (MCU). Uqobdiswe nguRyan Coogler, obhale lomdlalo ekanye noJoe Robert Cole, lombukelo unezinkakha zombukelo ezilandelayo; uLetitia Wright, uLupita Nyong'o, uDanai Gurira, yWinston Duke, uFlorence Kasumba, uDominique Thorne, uMichaela Coel, uTenoch Huerta, uMartin Freeman, uJulia Louis-Dreyfus, kanye no-Angela Bassett. Kulombukiso, abaholi baseWakanda balwela ukuvikela isizwe sabo emva kokukhathama kweNkosi uThi'shala.

Amasu wokwenza iselamo (sequel) ahlanganiswa ngemva kokukhululwa kwe-Black Panther ngoNhlolanja wezi-2018. U-Coogler wacela ukuba abiyiselwe njengomdidiyeli, futhi iMarvel Studios yakuqinisekisa ngokusemthethweni ukuthi ithuthukisa iselamo maphakathi nowezi-2019. Izinhlelo zalombukelo zaguquka ngoNcwaba wezi-2020 lapho inkakha yalomdlalo uChadwick Boseman edlula emhlabeni ngenxa yomdlavuza wethumbu, okwenza i-Marvel iqome ukufaka omunye esikhundleni sakhe ukulingisa uThi'shala. Abanye abalingisi abaohambili nabo kwaqinisekiswa ukuba bazobuya ngoLwezi, futhi nesihloko samenyezelwa ngolwezi wezi2021. Ukuqopha kwasungula ekuoheleni kukaNhlangulana kuya ekuqaleni kukaLwezi ngiwezi-2021, e-Atlanta nase-Brunswick, eGeorgia, kanye nase-Massachusetts, ngaphambi ngokukhawulwa okwavumela uwakwa-Wright ukuba alulame ekulimaleni akuthole lapho beqopha. Ukuqopha kwasungula futhi maphakathi noMasingana wezi-2022 futhi kwaqedelwa ekupheleni kuMbasa e-Puerto Rico.

I-Black Panther: Wakanda Forever yaleketha eShashalazini El Capitan nelase-Dolby e-Hollywood zingama-26 kuMfumfu, 2022, futhi wakhululwa eMelika zingu-11 kuLwezi, 2022, ngjengombukelo ophelele wesigaba sesine se-MCU. Lombukelo wathola ukubuyekezwa okuhle kubagxeki, bedumisa ukuqondisa kuka-Coogler, uchunge lokwenzekayo, ukudidiyelwa nokuklanywa kwengqephu, ukudlala kwabalingisi (ngokukhethekile uWright, uBassett, uGurira, noHuerta), ukugqama kwemizwelo, ukuhlangana komculo, nokuhlonipha kwawo uBoseman, nakuba isikhathi esiwudlayo kanye nendaba isiyonke kuthole ukugxekwa. Lombukelo sewenze isamba esingaphezu kuka $331 emhlabeni wonke.