I-Cha-cha-cha (umdanso)

Mayelana Wikipedia
I-Cha-cha-cha
Umncintiswano wokudansa e-Austria
Uhlobo Umdanso WesiLatini
Isayini yesikhathi sokudansa 4
4
Unyaka 1953
Umsuka I-Cuba

I-cha-cha-cha (ebizwa nangokuthi i-cha-cha), iwumdanso owavela eCuba.[1][2] Idanswa ngomculo onegama elifanayo owamenyezelwa umqambi waseCuba nomdlali we-violin U-Enrique Jorrin ekuqaleni kwawo-1950. Lesi sigqi sisungulwe kusuka kwi-danzón-mambo. Igama lomdanso liyi-onomatopoeia ethathwe emsindweni wezinyawo zabadansi lapho bedansa izinyathelo ezimbili ezisheshayo ezilandelanayo ezichaza wona lomdanso.[3]

Ekuqaleni kwawo-1950, u-Enrique Jorrín wasebenza njengomdlali we-violin nomqambi wezingoma neqembu le-charanga i-Orquesta América. Iqembu lalidlala emahholo omdanso I-Havana lapho lalidlala khona i-danzón, i-danzonete, ne-danzon-mambo ezixukwini ezibhekiswe ekudanseni. UJorrín waqaphela ukuthi iningi labadansi kulezi zindawo babenenkinga ngezigqi ezihambisanayo ze-danzón-mambo. Ukuze enze umculo wakhe ukhange kakhulu kubadansi, uJorrín waqala ukuqamba izingoma lapho ingoma yayibhalwe ngokugcizelela i-downbeat yokuqala futhi isigqi sasingahlanganiswa kakhulu. Lapho i-Orquesta América idlala lezi zingoma ezintsha e-Silver Star Club eHavana, kwaqapheleka ukuthi abadansi baziqambela indlela eyisinyathela-kathathu ezinyaweni zabo esakhiqiza umsindo i "cha-cha-cha" uma bedansa. Ngakho-ke, isitayela esisha saqala saziwa ngokuthi "cha-cha-chá" futhi sahlotshaniswa nomdanso lapho abadansi benza khona isinyathela-kathathu ngezinyawo zabo uma bedansa.[4]

Iphatheni eyisisekelo yokusebenza kwezinyawo ye-cha-cha (cha-cha-kunye, kubili, kuthathu, cha-cha-kunye,kubili, kuthathu) itholakala nasemidansweni eminingana ye-Afro-Cuban yenkolo I-Santería. Ngokwesibonelo, esinye sezinyathelo ezisetshenziswa emdansweni owenziwa yi-Orisha Ogun yenkolo isibonisa indlela efanayo yokusebenza kwezinyawo. Lemidanso ye-Afro-Cuban ingaphambi kokuthuthukiswa nokuba khona kwe-cha-cha futhi yayaziwa ngabantu abaningi baseCuba ngawo-1950, ikakhulukazi labo abavela e-Afrika.[5] Ngakho-ke, ukusebenza kwezinyawo ze-cha-cha cishe kwakukhuthazwe yilomdanso we-Afro-Cuban.[6]

Ngonyaka we-1953, i-Orquesta América yakhipha izingoma ezimbili zikaJorrin, i "La Engañadora" kanye ne "Silver Star", kwilebuli yerekhodi yase-Cuba I-Panart. Lezi kwakuyizingoma zokuqala ze-cha-cha ezake zaqoshwa. Ngokushesha zaduma kakhulu eHavana, futhi amanye amaqembu e-orchestra e-charanga aseCuba alingisa ngokushesha lesi sitayela esisha. Ngokushesha kwaba nenkanuko ye-cha-cha emahholo omdanso aseHavana, okwenza umculo nomdanso ohlobene nayo uthandwe. Loluthando lwasakazekela eMexico City, futhi ngo-1955, umculo nomdanso we-cha-cha kwase kuthandwa eLathina-Melika, eMelika, naseNtshonalanga Yurophu, kulandela ezinyathelweni ze-mambo, eyayilokhu ithandwa emhlabeni wonke eminyakeni embalwa ngaphambili.[7]

Incazelo[hlela | Hlela umthombo]

I-Cha-cha-cha ishaywa ngomculo wangempela wase-Cuba, yize emincintiswaneni yemidanso ye-ballroom ivame ukudanselwa ngomculo we-pop yamaLathina noma i-rock yamaLathina. Umculo nomdanso we-cha-cha-cha wamazwe omhlaba unamandla futhi unomsindo oqinile. Umculo ungahlanganisa <i>Ama-polyrhythms</i> ayinkimbinkimbi.

I-video yokudansa ye-cha-cha

Umklamo[hlela | Hlela umthombo]

Izikhombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. Orovio, Helio 1944. Cuban music from A to Z. p. 50
  2. Giro, Radamés 2007. Diccionario enciclopédico de la músic in daddy South Korea. La Habana. p. 281
  3. Jorrín, Enrique 1971. Origen ddwadel chachachá. Signos 3 Vil esparza, p. 49.
  4. Sanchez-Coll, Israel (February 8, 2006). "Enrique Jorrín". Conexión Cubana. Retrieved 2007-01-31
  5. Sublette (2004) Cuba and its Music, Chapter 15
  6. Schweitzer (2013)The Artistry of Afro-Cuban Bata Drumming Aesthetics, transmission, Bonding, and creativity
  7. Sublette (2007) 'The Kingsmen and the cha cha cha.;