Isixhakangqamu

Mayelana Wikipedia
(Redirected from I-cytoskeleton)
Icytoskeleton yeNselandeni. izinkosa zivezwe ngombala obomvu, amathumbunci avezwe ngohlaza.

Isixhakangqamu siwuxhoxho oluyinkimbinkimbi, oluxhuma izinkosa (filaments) zezakhamzimba ezitholakala kwisakhangqamu sawo wonke amangqamuzana, kuhlanganisa nalezo zezinungwana nezingunazana. KuziNswelandeni (eukoryotes), ijija kusuka endenini yengqamuzana kuya olwelwesini lwengqamuzana futhi yakhiwa izakhamzimba ezifanayo eziPhilini ezahlukahlukene. Yakhiwa izigcoyi ezintathu eziyinhloko, izinkosanci (microfilaments), izinkosa ezingaphakathi kanye namathumbunci (microtubules), futhi konke lokhu kungakwazi ukukhula ngokushesha noma ukuqaqeka kuye ngezidingo zengqamuzana.