Izinungwana

Mayelana Wikipedia

Citrobacter_freundii

Izinungwana (ubunye: isinungwana ) iziphili ezikhona yonke indawo, ezikhululekile ngokuvamile ezihlanganisa ingqamuzana elilodwa lokuphila. Zakha isidlangala esikhulu seziphilincinci zezinswelandeni. Ngokuvamile zingamamithancinci (micrometre) ambalwa ngobude, izinungwana zaziyizinhlobo zokuphila zokuqala ukuvela emhlabeni, futhi zisatholakala kuzo zonke izindawo ezihlala kuzo. Izinungwana zihlala emhlabathini, emanzini, kuziphethu zesimunyane, emfucuzeni eyonzayo, nasekujuleni kwempilombulunga yegobohla lomhlaba. Izinungwana zimqoka ezigabeni eziningi zomjikelezo womsoco ngokuvuselela imisoco njengokuzinzisa inihwe evela kumoyambulunga.